Abezindaba abasiqhatha noMpengesi kwiChippa – Mammila
Njabulo Shezi
UMorgan Mammila usafunga uyagomela namanje ukuthi ngeke yena axoshwe kwiChippa United kulokhu njengoba esebuye isibili kuleli qembu.
Ukusho lokhu kulandela ukuqala isizini ngomphumela omuhle ebambana ngo 0-0 neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto.
UMammila uthe indlela ezakhe ezidlale ngayo kulo mdlalo weChiefs ikhombisa ukuthi zingamelana nanoma yiliphi iqembu.
“Into engingabazi ngayo ukuthi umphathi wami (uChippa Mpengesi) uhlukile,” kusho uMammila.
“Ukholelwa kinina bezindaba. Uma ubhala kwiTwitter ukuthi uMorgan Mammila bekufanele awine lo mdlalo nazo zonke izinto ezinjalo…
“Ukuthathela phezulu lokho. Ungusihlalo ohlukile. Akafani nabanye osihlalo.
“Nina ninokufonela uMpengesi futhi yini enenza impilo yethu (kwiChippa) ibe nzima.
“Kodwa ke into engingayisho ngami ukuthi ngiyazazi ngifunani. Njengoba bese ngike ngasho phambilini, angizimele mina ngedwa nje.
“Ngimele zonke izingane zimnyama zasemakhaya ezicabanga ukuthi amathuba anjena awazifanele.
“Ngakho, ngikhombisa zona ukuthi leli thuba (loluqeqesha ezingeni eliphezulu) lingatholwa noma ngubani.
“Ngisho nomfana osuka emakhaya engafika kuleli zinga enze lo msebenzi.. Ngibanikeza ithemba,” kuchaza uMorgan Mammila.
“Ngakho, ngokuzayo nikubhekisise enikubhalayo. Uma uthi umqeqeshi kumele axoshwe, (uMpengesi) uzowufunda lowo myalezo. Akafani nabanye osihlalo.”
Lo mqeqeshi ubesebenza njengesikhulu esiphezulu kwiChippa phambilini uthe imjabulise kakhulu indlela iqembu lakhe ebeliwuphethe ngayo umdlalo weChiefs.
“Abadlali bami ngibatshelile ukuthi iChiefs ayingcono kunathi uma kukhulunywa ngabadlali.
“Bekufanele sikhombise abadlali beKaizer Chiefs ukuthi badlalela iqembu elikhulu, kodwa abangcono kunathi,” kusho uMorgan Mammila.
Sekubhekwe ngabomvu ke ukuthi ngabe uzokwazi yini lo mqeqeshi ukuqhubeka nalo mgqigqo wakhe njengoba kuqhubeka imidlalo yeligi.
FUNDA NALA: Umgadli owahluleka kwiChiefs uyazitamuzela amagoli e-US
IChippa izobhekana neTS Galaxy eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoLwesithathu ntambama.