Ntseki: Uyimvana yomnikelo noma u’Davide’?
Sbongs Gumbi
UMolefi Ntseki, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, uzizwa enokuzethemba okwedlua okukuGoliyathi mhla eyobhekana noDavide ngomdlalo wabo wangoLwesithathu.
IChiefs iqale umkhankaso wayo weDStv Premiership ngokudlala ngokulingana neChippa United ngempelasonto edlule.
Kodwa, noma kunjalo, njengoba sebezobhekana neqembu elingaxoleli futhi elilwela ukuvikela isicoco salo, iMamelodi Sundowns, uMolefi Ntseki unomuzwa wokuthi kuzoba umdlalo ohlukile.
Umdlalo useLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu ngo-3 ntambama. Kulindeleke igcwale phama le nkundla njengoba amathikithi edayise aphela wonke ngoLwesibili.
UMolefi Ntseki ube nengxoxo nabe-website yeqembu lakhe, wacacisa ngamacebo abo ngalo mdlalo.
Uthe: “Sidlala lo mdlalo sibuya ekudlaleni ngokulingana neChippa. (Futhi) Kusafanele sibeke ukuletha injabulo kubalandeli bethu.
“Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu uma sesidlala nompetha beligi, kodwa siyiKaizer Chiefs sesimi ngomumo.”
UNtseki cishe uyazi ukuthi ukubhekana neSundowns kufana nokuthatha isihlilingi uyolwa nesiqhwaga esaziwayo.
“Sithole ithuba lokubahlaziya, siwubonile umdlalo wabo neSekhukhune United, kodwa kuzoba wumdlalo ohlukile lona.
“Badlala neKaizer Chiefs, thina sidlala neSundowns. Noma ngabe yikuphi ukuhlaziya okwenzile, okubalulekile wukuthi umisa kanjani enkundleni.
“Futhi nendlela abadlali abayilandela ngayo imiyalelo ngosuku lomdlalo kubalulekile.
FUNDA NALA: Abezindaba abasiqhatha noMpengesi kwiChippa – Mammila
“Womabili amaqembu azobe elwena ukunqoba kulo mdlalo. Womabili amaqembu awulungiselele lo mdlalo.
“Sikubheke ngabomvu ukwenza kahle uma sesibhekene neSundowns.” Umphumela walo mdlalo ubaluleke kakhulu kuMolefi Ntseki.
Uma ewunqobile, uzoba yiqhawe ezigidini zabalandeli beChiefs, uma ehluliwe, kungenzeka enziwe imvana nomhlatshelo, kuthiwe akasule.