UMokwena uncoma unozinti abakhala ngaye abeChiefs
Sihle Ngubo
Yize abanye abalandeli beKaizer Chiefs bekhala ngamaphutha kaBrandon Peterson kodwa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena umncomile lo nozinti.
ISundowns ishaye iChiefs ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu ntambama.
Womabili amagoli kube amaphutha kaPeterson obegqoke ibhande likakaputeni.
Uqale waphasela umdlali weChiefs ibhola engungwe abeSundowns, walithatha uLucas Rubeiro walibeka phakathi ngomzuzu ka-21.
Ukuphindile lokho uPeterson exegelwa yizandla ngomzuzu ka-90 ibhola elilula likaNeo Maema lakhala enethini. \
Ngaleso sikhathi iChiefs ibiqeda ukulinganisa ngegoli lika-Ashely Du Preez ngomzuzu ka-84.
“Ngokwami uPeterson uyena obe umdlali ovelele kulo mdlalo… Ngokubona kwami.
“Ngiphoxekile ngokuthi asiwashayanga amagoli kodwa ngijabule ngamaphuzu amathathu,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo.
UMokwena ubengabhuqi ngoba uPeterson uvimbe amaphola amaningi amabi ngesikhathi iSundowns ihamba phambili ngo 1-0.
Bekumele uPeter Shalulile ayenze ihambe phambili ngo 3-0 kodwa wala waphetha uPeterson.
“Bekungolunye lwalezo zinsuku kuShalulile. Kumele sishaye amagoli uma sithola amathuba kodwa kuhle ukuthi siwuwinile umdlalo,” kuphetha uMokwena.
Kulo mdlalo iSundowns ibizenzela ngesiwombe sokuqala futhi bekumele kushintshe inamagoli angaphezulu kwelilodwa.
Nokho kugqame ukuvimba kahle emuva kukaReeve Frostler obeshade noMaseko okunguyena obeyiphela endlebeni kwiChiefs kwesokunxele.
Ngemuva kwemidlalo emibili yeligi iChiefs inephuzu elilodwa kanti iSundowns isesicongweni ngamaphuzu ayisithupha.
FUNDA NALA: UNtseki ukhale ngokulibala iChiefs ‘ipha’ iSundowns amaphuzu
Ngempelasonto iSundowns izobhekana neMoroka Swallows kwiMTN8, kanti iChiefs izotholana phezulu neCape Town City FC kuwona lo mqhudelwano.
NgoLwesine kuzokwethulwa ngokusemthethweni indebe entsha yeMTN8 eGoli.