EzakamuvaIbhola

Ukhiphe ubuchule uJohn Maduka ebona iPirates imshisa nendlu

Sihle Ngubo

UJohn Maduka oqeqesha iRoyal AM ukhale ngokuthi bazenzele phansi ngemuva kokuthi beshaywe yi-Orlando Pirates ngo 4-2 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

IBucs ishaye amagoli amathathu emizuzwini yokuqala engu-35 kulo mdlalo, kwacaca ukuthi liyayibhubhela iThwihli Thwahla. UJohn Maduka uthe kumphoxe kakhulu lokhu.

“Sizenzele izinto zaba lukhuni kakhulu kulo mdlalo. Asizange sivimbe kahle emuva nokufakazelwa yila magoli amathathu esiwadedelile,” kusho uJohn Maduka ngemuva komdlalo.

“Senze amaphutha futhi bengikholwa wukuthi kumele sivale kangcono emuva. 

“Ngesikhathi senza ushintsho besikholwa wukuthi imilenze emisha izosisiza sibuyele emdlalweni. Ngicabanga ukuthi kusisebenzele lokho.

“Besazi ukuthi bazokwehla ngesiwombe sesibili. Besinawo umdlandla kodwa amagoli amathathu abewumqansa omkhulu kakhulu. Ngingasho ngithi nesikhathi bese sisishaya futhi uma siphusha siya phambili besivuleka emuva. 

“Kodwa senze kangcono ngesiwombe sesibili ngendlela esivale ngayo emuva.”

Igoli lokuqala kube yiphenathi eshaywe uZakhele Lepasa ngomzuzu ka-15. Ngemuva kwalokho ivele yavutha iPirates futhi akumangazanga ngesikhathi uMonnapule Saleng eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-29.

IRoyal AM ivele yavuleka kakhulu kunakuqala emuva, waphinde wabuya uLepasa washaya igoli lakhe lesibili ngomzuzu ka-35, kwaba u 3-0. 

Lokhu kwenze ukuthi umqeqeshi uJohn Maduka ashintshe ashintshe abadlali abane ngesikhathi esisodwa.

IThwihli Thwahla ilitholile  igoli ngaphambi kokuthi ziye ekhafini nelize noSphiwe Cele ngomzuzu ka-45. 

Amagoli okugcina angene ngomzuzu ka-88, elikaMxolisi Macuphu weRoyal AM, noka-93 elikaBandile Shandu wePirates.

Emdlalweni olandelayo iPirates izobhekana neSekhukhune United koweMTN8 ngempelasonto. 

FUNDA NALA: Ntseki: Uyimvana yomnikelo noma u’Davide’?

La maqembu ahlanganile kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi lapho kuwine khona iBucs ngo 2-1. IThwihli Thwahla ayikho kwiMTN8.