IStellies ithi ‘kush’ ukuthi sorike’ ngokusa imidlalo yayo eThekwini
SIHLE NGUBO
IStellenbosch FC icacisa ukuthi kungani ithuthele umdlalo wayo womlenze wesibili weMTN8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IStellies izobhekana neDowns koweMTN8 womlenze wokuqala eLucas Moripe Stadium, ePitoli, bese owomlenze wesibili ube seThekwini. Leli qembu likhiphe isitatimende licacisa ukuthi kungani lizoyidlalela kwelikaBhanana imidlalo yalo ethile.
“Singakuqinisekisa ukuthi imidlalo yethu esizoyidlala neNsingizi Hotspurs ngo-Agasti 24, nesizowudlala neMamelodi Sundowns ngoSepthemba 1, ngeke siyidlalele ekhaya lethu elijwayelekile iDanie Craven Stadium, futhi izokuba ngaphandle kwase-Eastern Cape,” kusho isitatimende seStellenbosch.
“Yomibili le midlalo sizoyidlalela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngenxa yokuthi kuzobe kungadlaleki eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, kanjalo nase-Athlone Stadium neDHL Stadium, ngalezi zinsuku zale midlalo.
“Iqembu ngeke likwazi ukusebenzisa iDanie Craven Stadium noma i-Athlone Stadium ngenxa yokuthi zombili lezi zinkundla ziyalungiswa. Lokhu kubangwe yisimo sezulu (imvula), kanjalo nesizini yebhola lombhoxo.
“ICape Town Stadium nayo ayitholakali ngenxa yokushayisana kwemidlalo embandakanya oweTest phakathi kwiNingizimu Afrika neNew Zealand ngasekuqaleni kukaSepthemba.
“Iqembu lithanda ukuxolisa kubalandeli ngendlela okwenzeka ngayo nakho konke ukudideka okukhona. Senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ibhola libuyela eWestern Cape uma sekuqala isizini ka-2024/2025 yeBetway Premiership.”
IStellies idlale neTS Galaxy eCraven Stadium kwi-quarterfinal yeMTN 8. Umqeqeshi weRockets, uRead Ramovic, uyigxeke kakhulu iPSL ngokuvumela ukuthi kudlalelwe lo mdlalo kule nkundla ebimagebhugebhu.