EzakamuvaIbhola

USukazi uchitha umbiko othi umqeqeshi usenamasheya kwiGalaxy

Uvele wakubiza ngombhedo wathi yena akayingeni futhi indaba yenonsensi usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi ebuzwa ngokuthi ngabe usedayise ingxenye yeqembu lakhe.

Lokhu bekulandela ukubika kweRushsportson kwi-X, ebiyaziwa ngeTwitter, ukuthi uSukazi usedayise u-30% weGalaxy.

Lo mbiko uthe le ngxenye edayisiwe ithengwe umqeqeshi, uSead Ramovic nabambisene nabo kwezebhizinisi. 

“Singakuqinisekisa ukuthi umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic nabambisene nabo sebethenge ingenye engu-30% yeqembu,” kubhala abeRushsportson.

“URamovic nabambisene nabo yibo abahlela ukusayina komdlali osemncane weTS Galaxy u-Aphelele Teto eqenjini laseScotsland, iLivingston FC.” 

Abalandeli babe sebebuza uSukazi, befuna acacise ngalokhu. Abanye baze bathi bayabona nje umqeqeshi esekhuluma kangaka.

Bathi yingoba uyazi ukuthi akekho engcupheni yokuxoshwa njengoba esengumnikazi weqembu.

“Umbhedo wokugcina futhi yinonsensi okuyizinto engingakaze ngizikhathaze ngazo futhi okuzohlale kunjalo,” siphendule kanje lesi sikhulu.

IGalaxy isekhempini eshubile kuleli viki njengoba ilungiselela umdlalo wamanqamu weCarling Knockout Cup.

Izobhekana neStellenbosch FC emdlalweni ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Le nkundla inezinkumbulo ezinhle kuleli qembu laKwaNdebele njengoba lanqoba kuyo iNedbank Cup lishaya iKaizer Chiefs kowamanqamu ngo-2019.