EzakamuvaIbhola

Ulume wapholisa uSteve Komphela ‘egadla’ kuRulani ngoJali

Sbongs Gumbi

USteve Komphela uthi kumele ube ngumqeqeshi okhaliphile futhi osekhulile ngokwengqondo ukuze ukwazi ukusebenzisana nabadlali abafana no-Andile Jali, Dumisani Zuma noGabadinho Mhango. 

Uthi uma ungaqinile emqondweni ungabona sengathi bayakuphikisa kwezinye izinto ekubeni basuke besheshe bakuqonda okufuna kubo, bathola nendlela elula yokukwenza. 

USteve Komphela, oqeqesha iMoroka Swallows, ukusho lokhu ngesikhathi ebuzwa ngokusayina kwakhe laba badlali abaziwa ngokuthi bawuhlupho.

“Ngiyakuphikisa lokho (ukuthi bawuhlupho). Ngisayine ongqondongqondo… Mina abantu abanjengalabaya ngibabiza ngongqondongqondo,” kusho uSteve Komphela. 

Ube esenza umzekelo ngomqeqeshi weSuperSport United ofike sekwedlule isikhathi emcimbini wokwethulwa kweMTN8 eRandburg ngoLwesine ntambama. 

“UGavin Hunt ungqondongqondo. Ufike la wasifica sihlezi kodwa kushubile nje. Kodwa ngoba ungumakadebona, lesi simo kuye yinto ejwayelekile. 

“Uvele waba yilomuntu ahlezi enguye, wabe esejika isimo ukuthi sivumelane naye. Ongqondongqondo banjalo ke. 

“Bahlezi benza izinto ezingalindelekile. Uma usekilasini bese ubhalisa abafundi isivivinyo esinemibuzo eyishumi, uqale kulo ongungqondongqondo umnike iphepha…

“Uzothi ufika kowokugcina ebe eseqedile ngesivivinyo bese eyakhungatheka ukuthi enzeni, bese kuba ngathi uyahlupha. 

“Akungoba behlupha, yingoba bangongqondongqondo,” kuchaza uKomphela. Ube esekhipha amazwi azwakale egadla kuRulani Mokwena. 

Lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns udedele u-Andile Jali okuthiwa ubehlupha kuleli qembu. Kuke kwabikwa ukuthi uJali wafika ejimini ephuzile.

“Uma unabadlali abanjalo… buka izinga abakulo – alibuzwa. Ngakho uma unabadllai abanjalo, kumele ukwazi ukusebenzisana nabo. 

“Akulula neze ukusebenzisana nongqondongqondo abanjalo. Kumele ube ngumuntu okhule ngokwanele emqondweni ukuze bengakuthusi. 

“Kumele usebenzisane nabo. Mina ngibathanda kabi. Futhi uma ungabona indlela engisebenzisana ngayo nabo, ikakhulukazi uma singekho enkundleni ungathuka. 

“Bakhombisa ubuhlakani. Nasenkundleni bayakwazi ukwenza izinto zenzeke ngaphandle kokuthi ubayalele yonke into okumele bayenze. 

FUNDA NALA: Imihlomulo esivimbe ekaThabo Cele eza kwiKaizer Chiefs

“Uma kunesigidi sabadlali abanjalo, baletheni lapha kimi bonke. Ngiyabafuna mina,” kuchaza uSteve Komphela.