Akudikizi nqulu kuNtseki ngabamngabazayo ekutakuleni iChiefs
Sbongs Gumbi
UMolefi Ntseki uthi ukuqeqesha iKaizer Chiefs akakwenzeli ukugqilaza abamngabazayo kodwa usebenzela ukusiza iqembu liphinde libe ngeliphumelelayo.
Ukuqokwa kwakhe kwemukelwa ngezindlela ezehlukene njengoba kubalandeli baleli qembu kukhona abakhombisa ukungeneliseki ngaye.
Nokuqala kweqembu kwiDStv Premiership akumsizanga ngalutho uMolefi Ntseki ukuthi athenjwe ngabalandeli.
IChiefs idlale ngokulingana neChippa United, yabe seyihlulwa yiMamelodi Sundowns emidlalweni emibili yokuqala.
Kodwa lokho kuzoke kulibaleke kule mpelasonto njengoba iqembu liqala umjaho walo wesicoco seMTN8.
IChiefs izovakashela iCape Town City ngeSonto. Umdlalo use-Athlone Stadium kanti uqala ngo-3 ntambama.
Uma uMolefi Ntseki engenza kahle, anqobe iMTN8, angaba yinkosi kubalandeli baMakhosi. Kodwa akakhathazekile kangako ngalokho.
“Bheka, ebholeni udlala yonke imidlalo ngenhloso yokunqoba. Futhi angicabangi ukuthi iMTN8 nanoma iyiphi enye inkomishi yehlukile…
“Ukunqoba kuhlezi kubalulekile futhi kuyajathsulelwa ngoba uzizwa ungcono uma usunqoile,” kusho uNtseki kuleli sonto uma ebuzwa ngabamngabazayo.
“Ngisho nabaqeqeshi abaphezulu emaqenjini aphezulu (bayabhekana nalokhu)… Bazohlala bekhona abantu abangawethembi umsebenzi wakho.
“Bazohlezi bekhona abangalwethembu ulwazi lwakho, amacebo akho nokunye… Kodwa okubalulekile ukuthi sizithembe thina futhi sikholelwe kulokho esikwenzayo.
“Kumele sikwethembe esikwenzayo. Futhi ngicabanga ukuthi esikwenzayo kuhle kakhulu. Njengeqembu siyayazi into esiyenzayo.
“Siyazi ukuthi sizokufeza kanjani esikufisayo, futhi sisezinhlelweni zokulungisa izinto ukuze kujabule wonke umuntu omataniswa neqembu.”
Esikhundleni sokukhathazeka nangamazwi angemuhle alabo abangamthembi, uMolefi Ntseki ukhethe ukugxila ekusizeni abadlali ukuze bafeze abakuqashelwe yiqembu.
“Iqembu lenze kahle ngokusitholela abadlali abasha futhi ukulungela (ukunqoba) kuqhamuka kubo abadlali.
FUNDA NALA: IPirates yethula ezintsha ngoLorch, Timm, Kimvuidi noKapinga
“Njengomqeqeshi uyazama ukubalungiselela ngokubacobelela Ukunqoba imidlalo kusho ukuthi awuzikhathazi kangako ngokwenzeka esikhathini esedlule bese uhlelela kahle ikusasa,” kwengeza uNtseki.