Uyinyama uMokoena kwawaphesheya, uRulani uthi akayi ndawo
SIHLE NGUBO
Kuvela ukuthi maningi amaqembu ase-Europe afuna uTeboho Mokoena, weMamelodi Sundowns, ngokusho kwemenenja yakhe, uGlyn Binkin.
UBinkin uthe bebelokhu bebuza ngoTeboho Mokoena ngesikhathi kuqhubeka i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 e-Ivory Coast.
Nokho lo mdlali ubebeke umqondo wakhe ekudlaleleni iBafana Bafana ngaphambi kokuthi abuyele eqenjini lakhe iSundowns.
“Baningi abazimisele ngoTeboho (Mokoena) kodwa unenkontileka neSundowns, kuze kube uJuni ka-2026,” kusho uBinkin.
“Noma yiliphi iqembu elimfunayo kumele lixhumane neSundowns mayelana nalokho.”
UTeboho Mokoena udlale kahle kakhulu kwi-Afcon esongwe ngeSonto e-Ivory Coast.
Ungomunye wabadlali beBafana Bafana abebegqamile, futhi ube nesandla kakhulu ekutheni iqembu lesizwe lakuleli liphume isithathu kwi-Afcon.
Ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neMorocco, uTeboho Mokoena ushaye enhle ifree kick wayizwa ngendaba unozinti waleli qembu.
Kulowo mdlalo weLast 16 iNingizimu Afrika iwine ngo 2-0, yazibekisela indawo kowandulela owamanqamu.
Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena ukubeke kwacaca ngoMsombuluko ukuthi okwamanje akukho mdlali wakhe ozohamba.
“Wonke umuntu olapha uzinikele ekutheni sizoba lapha eqenjini kuze kuphele isizini,” kusho uMokwena kwiRadio 2000.
“Lokho kusho ukuthi wonke umuntu kumele azinikele, afake wonke amandla ekusizeni iqembu lifeze lokho elizibekele khona.
“Yilokho esikubhekile njengamanje. Silindele abadlali bethu babuye, iwindi (lokusayina abadlali) livaliwe akekho ongahamba noma ongafika manje.”
Kukhona nabanye abadlali beBafana Bafana okulindeleke ukuthi bawahehe amaqembu aphesheya njengoba benze kahle kwi-Afcon.
Kulabo badlali kukhona uGrant Kekana, uMothobi Mvala, u-Aubrey Modiba, uKhuliso Mudau, beSundowns, no-Evidence Makgopa, we-Orlando Pirates, okuvele sekunamahlebezi okuthi kukhona amaqembu amfunayo.
FUNDA NALA: Kuxwayiswa uStanley Nwabali ngokubuyela kuleli
UMudau kuvela ukuthi kuneqembu laseBelgium elisha amashushu ngaye futhi elingase livele noma kunini kwiSundowns lizocela isihlobo esihle ngaye.

