EzakamuvaIbhola

Okusha ngecala likaGabuza lokuhlasela intombi

Liphele ngokuthi lihoxiswe icala lokulimaza impahla ebelibhekene noThamsanqa Gabuza owake wadlala kwi-Orlando Pirates. 

UGabuza uboshiwe ezinyangeni ezimbalwa ezidlule kulandela ukuvulelwa icala lokushaya nokulimaza impahla.

Leli cala belivulwe yintombi abehlala nayo endlini ngaleso sikhathi Zikhona Zode, emsola ngokumshaya nokulimaza impahla.

Ubedlala kwiTS Galaxy ngaleso sikhathi uGabuza. Ugcine exoshiwe kuleli qembu kwanti kwasolakala ukuthi kungenxa yaleli cala.

Nokho usihlalo weGalaxy, uTim Sukazi usanda kuveza ukuthi uGabua wadedelwa ngoba engekho ezinhlelweni zomqeqeshi. 

Kumanje akanaqembu adlala kulo. Ubevele enkantolo yeMantshi yase-Alexandra eGoli ngoLwesine ekuseni.

Kulapho kube sekuvela ukuthi yena noZikhona sebebuyisene, baba nesivumelwano esithile ngakho liyahoxiswa icala. 

Bese ungokwesithupha evela kule nkantolo ngalo leli cala njengoba belilokhu lihlehliswa phambili kusaqoqwa ubufakazi.

Ngesikhathi kuqhubeka icala, uGabuza noZikhona bebebonakala bebhekana qede bamoyizele nokwenze utolika wenkantolo abakhuze. 

Umphenyi wecala uTshiego Deka uthe laba bobabili bangene esivumelwaneni. Nommeli kaGabuza, uThemba Ngobeni ukuqinisekisile lokho.

IMantshi, uBulelani Mbeleni naye uphinde wabuza kummangali ukuthi uyasiqonda yini isivumelwano sokucisha icala wavuma ngekhanda ethi “yebo”.