UHappy Jele ucacisa ngekusasa lakhe kwiRoyal AM
Sbongs Gumbi
Wayesepakisha uHappy Jele, elungela ukubuyela eMngungundovu kwiRoyal AM ngesikhathi ethola ukuthi leli qembu ngeke lisamgcina.
Lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates ujoyine iRoyal AM ngoJanuwari ngenkontileka yesikhashana kodwa enombandela wokwelula.
Uthi ngesikhathi sebexoxisana ngokuthi kwelulwe inkontileka abavumelananga ngemali okumele ayihole, wanquma ukuyeka phansi.
“Imali vele iyona ebe yinkinga. Okokuqala lokho,” usho kanje uHappy Jele ekhuluma noRobert Marawa ngoLwesine kusihlwa.
“Kukhona nezinye izinto engingazivumanga engingeke ngikwazi ukuzisho manje.
“Kodwa okwamanje asithi yimali. Abavumanga ukunginika imali ebengiyifuna.”
UHappy Jele uveze ukuthi ubexoxisana noRichard Makhoba njengoba umengameli weqembu uShauwn Mkhize ubematasa ngezinye izindaba zeqembu.
“Ngakhuluma noRichard (Makhoba). Ngakhuluma nomama ngesikhathi ngisayina okokuqala nabo.
“Kodwa kulokhu angizange ngihlangane naye. Ngihlangane noRochard, ngakhuluma naye.
“Wangitshela ukuthi banezinkinga okumele babhekane nazo okwamanje. Wonke umuntu uyazi ke ukuthi kukhona indaba ka(Samir) Nurkovic.
“Umama ubematasa ngaleyo ndaba ngakho mina kudingeke ngikhulume noRichard.
“Ngakhuluma naye ngemuva kwalokho asangavumelana. Kulapho ke enganquma khona ukungabuyeli khona.”
Lo mdlali wasemuva ineminyaka engu-36 uthi abaqeqeshi babethe bayamdinga abuye. Kodwa kuthe esepakisha ukuthi abuye, kwavela ukuthi iqembu alimniki akufunayo.
“Ngosuku lokugcina, sahlangana nabaqeqeshi bangitshela ukuthi bengathanda ukuthi ngibuye.
“Ngababuza ukuthi ngabe bengathanda yini ngibe khona ngesizini elandelayo, bathi ‘yebo’ bayangidinga.
“Kodwa kuthe sengipakisha ukuthi ngibuyele khona… Sasizovula ngomhla ka-2 kuJulayi. Ngangilinde ukuzwa ukuthi bathini (ngenkontileka entsha).
“Ngangingeke ngivele ngithathe imoto ngiye KwaZulu-Natal ingekho inkontileka… Ngingazi kuzokwenzakalani phambili.
“Kwathi uma sesibuza kwaba yilapho saqala khona ukuxoxisana, asangavumelana ke.”
FUNDA NALA: Useyogijima kwelaseTurkey umgadli obekwiTS Galaxy
UHappy Jele, ohlale iminyaka engu-16 kwiPirates, kumanje akanaqembu kanti uthi akakazimiseli ukuwagaxa emgibeni amakhokho.