EzakamuvaiNedbank Cup

UKopo ukhale ngokuthukwa uRiveiro beshaywa yiPirates

Umqeqeshi weChippa United, uKwanele Kopo, usole uzakwabo we-Orlando Pirates, uJose Riveiro ngokusebenzisa amagama alumelayo nanokucwasa.

UKopo ubezwakala ukuthi unengekile ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo wabo weNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama.

Ikhale ngaphansi iChippa njengoba iPirates inqobe ngo 3-1, yazibekisela indawo kowamanqamu ozoba seMbombela Stadium ngomhla ka-1 kuNhlangulana. 

“Kube nala sincishwe khona iphenathi U(Thabiso) Sesane ekhahlela ibhola lisekhanda lomdlali wethu.

“Ukusuka lapho sibonile ukuthi linye iqembu elizonqoba kulo mdlalo,” kusho uKopo. 

“Ngiyaziqhenya ngabadlali ngomdlandla abawukhombisile, ngiphoxekile ngendlela obekuphethwe ngayo umdlalo.

“Ngiyayihlonipha i-Orlando Pirates kodwa indlela umqeqeshi abekhuluma ngayo ebhekise kithi iyashaqisa. 

“Ayidingeki leyanto ebholeni. Akasakwazi nokungibheka emehlweni angixhawule ngemuva komdlalo. 

“Ubechuluza u-Eva, yingakho egcene ethola ikhadi elibomvu nje. Ngiyazi iPirates iyafuna ukuvikela le ndebe.

“Futhi ngiyahlonipha njengeqembu kodwa abantu kumele baziphathe kangcono,” kuchaza uKopo. 

Uthe onompempe bebemzwa uRiveiro ebathuka kodwa bakuziba nje lokho abangasho lutho, wancoma uMandla Ncikazi ngokuthi uxolisile ngemuva komdlalo. 

“Kumele ngimncome umqeqeshi uMandla ngokuthi kuthe wonke umuntu esilwisa, yena ukwazile ukubuya kithi azoxolisa. 

“Ngiyamncoma kakhulu ngalokho. Ngisho unompempe obengaphandle umzwile umqeqeshi esebenzisa amazwi aziswana ewabhekise kithi wazithulela nje. 

“Kodwa kulungile. Singabaqeqeshi sonke, siyaqonda uma umuntu enengcindezi. 

“Kodwa asifuni ukusho ezinye izinto ngoba sizosolwa. Abanye bethu bakhule ngaphansi kwesimo esingesihle (sobandlululo) eNingizimu Afrika. 

“Manje uma usebenzisa amazwi atile kithi, kuyasilimaza emoyeni. Yilokho okungiphoxile, nokwenza sicasuke. 

“Nokuthi onompempe kuthi uma umuntu webala elithile akhuluma kabi, kuyemukeleka eNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi yinto okumele siyilungise leyo.”