EzakamuvaIbhola

UNcikazi nokwenza aqine idolo ngePirates koweMTN8

Njabulo Shezi

I-Orlando Pirates izoqala ukuvikela isicoco sayo seMTN8 kule mpelasonto njengoba izobhekana neSekhukhune United e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Kusaphele izikhathi esingaphezudlwana kwezinyanga ezimbili lamaqembu ayekade ekhiphana inkani emdlalweni wendebe. 

Kwanqoba i-Orlando Pirates ngesikhathi egiimisana emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi 27, okwakuwumdlalo wokugcina wesizini edlule. 

Mane njengoba esehlangana kule ndebe, iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi uthi unethemba elikhulu lokuthi bazodlula. 

“Umdlalo onzima lona. ISekhukhune yiqembu eliqeqeshwe kahle. Ngeke kube lula ngoba vele wonke amaqembu akulo mqhudelwano anzima. 

“Kodwa uma sifuna ukuyivikela le ndebe, yiwo lamaqembu okumele sidlule kuwo,” kusho uMandla Ncikazi

“Nginethemba lokuthi sizodlulela emzuliswaneni olandelayo yize izimo zinzima nje. Ngiyalethemba kakhulu iqembu lethu. 

“Lokho kungenxa yokuthi sizilungiselele kahle impela,” kuchaza lo mqeqeshi oke wasebenza kwiGolden Arrows phambilini.

Ukhuluma kanjena nje uNcikazi kufanele ukuthi uyayazi ingcindezi i-Orlando Pirates enayo kule sizini. 

FUNDA NALA: ISundowns nezinhlelo zokubuyisa uPercy Tau

Njengoba yenze kahle nje ngesizini edlule – inqoba izindebe ezimbili – amehlo amaningi asebheke kuyo ukuthi izomisa kanjani kule sizini.