EzakamuvaIbhola

UNgezana uphawula ngokushelwa kwakhe elaseFrance

Ukubona kuyinto enkulu nekhomba ukukhula ebholeni lakhe uSiyabonga Ngezana ukuthi kuneqembu lesigaba esiphezulu eFrance elifisa ukumsayina. 

UNgezana, okhulele futhi obedlala kwiKaizer Chiefs kule minyaka embalwa edlule, usayinwe yiqembu laseRomani ekuqaleni kwesizini.

Yize kumthathe isikhathi ukujwayela kwiFCSB, ugcine esephenduka omunye wabadlali abayizinsika kuleli qembu. 

Ukudlala kahle kwakhe sekuhehe amehlo ezinhloli zeFC Lorient ezibe sezibikela abaqeqeshi nabo bathatheka nguye. 

Ephawula ngalokhu kuhalelwa kwakhe yiqembu laseFrance kwabeFAR Post, uNgezana uveze ukuthi akukho okusabekwe etafuleni okwamanje.

“Kuyinto engenza ngizibone ngingumdlali obalulekile, ukuzikhandla kwami sekuyabonakala,” usho kanje lo mdlali odabuka eMnambithi. 

“Ukushintsha indawo kwami, ngisuka kwiChiefs ngiya eRomania akubangalula neze… 

“Manje ukumataniswa kwami neqembu elidlala kwiLigue 1 kungenza ngizikhandle ngokwedlulele, ngingalilahli ithemba. 

“Uyazi ithalente ngokwalo alanele, kumele usebenze kanzima futhi uzile okuningi ukuze udlale yonke imidlalo bese wenza kahle.” 

Uthe ukwazi ngalokhu kufuneka kwakhe eFrance ukuzwe ngomengameli weFCSB uGigi Becali owamxoxela ngakho. 

“Ngiyazi ngalokho kodwa okwamanje akukho okubekiwe etafuleni. Akekho oseke wakhuluma nami ngqo ngakho. 

“Umengameli weqembu uyaxoxa ngakho futhi uyazi, akukaze kwashunqa intuthu ungekho umlilo. Kodwa okwamanje akukho lutho etafuleni.”