EzakamuvaIbhola

Uchazwa abadlali bePirates ‘abajabulele ukudlala’ uRiveiro 

Njabulo Shezi

UJose Riveiro useveze injabulo anayo emoyeni wakhe uma ebuka indlela abadlali bakhe abakujabulela ngayo ukudlala kulezi zinsuku. 

Ukusho lokhu ngemuva kokubuka ezakhe zibhudluza iSekhukhune United ngo 5-0 emdlalweni weMTN8 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo kusihlwa. 

Umgadli wakhe uZakhele Lepasa ushaye amagoli amathathu, kwathi uMonnapule Saleng noNdabayithethwa Ndlondlo nabo babhala awabo amagama kwawabashaye amagoli. 

“Uyakubona ukuthi bajabule. Bakujabulele ukudlala ndawonye ikakhulukazi uka beya phambili,” kusho uJose Riveiro. 

IPirates seyishaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni emithathu esayidlalile kule sizini entsha. 

Ibhubhisa iSekhukhune nje beyivele izivezile izimpawu zokuthi izoba yingozi ngesikhathi ishaya iRoyal AM ngo 4-3 emdlalweni weligi phakathi neviki. 

ULepasa ubonakala evuke indlobane kusukela ebuyile kwiPirates njengoba ebebolekiswe kwiSuperSport United ngesizini edlule. 

Emdlalweni weRoyal AM ushaye amagoli amabili njengoba eseshaye amathathu nje manje kwiSekhukhune. 

“Abadlali bethu abahlaselayo banekhono elimangalisayo, ngakho ke kusobala ukuthi sijabule kakhulu ngemuva kokushaya amagoli ayisishigalombili emidlalweni emibili. 

“Ngeke ke kodwa kuhlale kunjalo. Sidlale kahle ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, kanti namuhla sisasebenzise kahle amathuba esiwatholile esiwombeni sesibili.

“Ngeke kuhlale kulula kanje ukushaya amagoli amane noma amahlanu emdlalweni owodwa. Kwesinye isikhathi sizoshaya igoli elilodwa… 

“Okubalulekile wukungangenelwa goli. Yingakho ukungangenelwa goli namuhla kuyikho okungijabulise kakhulu.

“Ngesikhathi siwina le ndebe yeMTN8 (ngesizini edlule) into esasiyenza kahle wukuvala kahle emuva,” kusho uJose Riveiro odabuka eSpain.

Isindele uChiubiku Ohizu nokho iPirates ekutheni ingangenelwa goli njengoba lo mgadli egeje iphenathi ebizobuyisela iSekhukhune emdlalweni kube ngu 1-1. 

“Sisiqale ngegiya eliphansi kakhulu isiwombe sesibili,” kusho uJose Riveiro. “Angazi kwenzekeni ngephenathi. 

“Angiyibonanga kahle kodwa beyiwumnyakazo obalulekile emdlalweni. Ngemuva kwayo senze izinto ngendlela encomekayo.” 

FUNDA NALA: Uvume iphutha uMokwena ecishe eqhatha iSundowns nenduku

IPirates nayo iyibekeliwe iphenathi kodwa uLepasa wavele washaya into ephume phezu kwepali. Kodwa uthe usazoqhubeka nokuwashaya amaphenathi. 

UJose Riveiro uzobe ebheke izinga elifanayo kubadlali bakhe ngoLwesibili kusihlwa uma sebebhekene neChippa United emdlalweni weligi ekuhambeni. Lo mdlalo uqala ngo-7.30 kusihlwa eNelson Mandela Bay Stadium.