EzakamuvaiDStv Premiership

Isukile ‘ezembeni’ iPirates ishaya iSekhukhune

Inyukele endaweni yesishiyagalolunye, yabuyisa nethemba kubalandeli i-Orlando Pirates ishaya iSekhukhune United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa. 

Nokho indlela edlale ngayo iPirates ayigqinyisi mathe njengoba beyihluleka ukwakha amathuba acacile. 

Igoli lePirates lize langena kusele imizuzu eyishumi umdlalo uphele, lishaywa uThabiso Monyane. 

Lo mdlali wayemuva ukhombise ubuchule obuhle kuleli goli njengoba ebeseduze nonozinti, kodwa wakwazi ukubheka la ezolibeka khona, qede washiya uBadra Sangare engazi liqhume kuphi. 

Lo mdlalo bewuke waba yindavundavu nje isikhathi eside, lingekho iqembu elakha amathuba acacile.

Nokho uvulekile esiwombeni sesibili la iPirates beyisibonakala khona ukuthi iyalifuna igoli. 

Kweminye imidlalo yeligi ngawo uLwesibili, iCape Town City ishaye iChippa United ngo 2-1. 

Igoli leCity lishaywe uThabiso Kutumela esiwombeni sokuqala, kodwa kwesesibili uCraig Martin wathola elokulinganisa. 

Kodwa uKhanyisa Mayo waqinisekisa ukuthi amaphuzu ayasala ekhaya eshaya elokuwina.

IStellenbosch FC yona ishaye iRichards Bay ngo 2-1 wamagoli ka-Iqraam Rainers kanti elokibika ekhaya leNatal Rich Boys lishaywe uBoikanyo Komane.

FUNDA NALA: UPule uveza ixhwala ngokweqiwa yijezi kwiBucs

IRoyal AM yona ishaye omkhaya bayo, iGolden Arrows ngo 1-0, iqhubeka la ebigcine khona nangesizini edlule.