EzakamuvaIbhola

Kuboshwe oweDowns ngecala lokushaya intombi

Ulale ebaliwe umdlali weMamelodi Sundowns oboshwe kulandela ukuvulelwa icala lokushaya yintombi yakhe. 

Lo mdlali, okungeke lidalulwe igama lakhe kuze kube uvele enkantolo ngoLwesithathu, uboshwe ngoLwesibili ntambama. 

Le nsizwa, ngokokubika kweScrolla, ulale ezitokisini ezibandayo esiteshini samaphoyisa saseSebenza ngaseKempton Park.

Umthombo osondelene nalesi sihlabani utshele iScrolla.Africa ukuthi uboshelwe udlame emzini wakhe ngoLwesibili ntambama ngemuva kokuthi intombi yakhe imvulele icala.

Uqhube wathi intombi kamsolwa imsola ngokuthi wayishaya ngesikhathi ivakashele.

“Uvule icala esiteshini samaphoyisa eSebenza. Amaphoyisa ambophile kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park maduze,” kusho lo mthombo. 

Akuyena lo mdlali owokuqala kule sizini ukubhekana necala elinjena njengoba noThamsanqa Gabuza eke waboshelwa elifanayo.

Lo mdlali obegijima kwiTS Galaxy naye waboshelwa ukushaya intombi, kodwa babuye baxolelana, yalisula icala selisenkantolo. 

Kumanje uThembikosi Lorch, odlala kuyo iSundowns, isigwebo esilengisiwe ngokutholakala enecala lokushaya owesifazane ayethandana naye.