EzakamuvaIbhola

UNtseki ucacise eyokuncongoya uRanga Chivaviro kwiChiefs

Sbongs Gumbi

URanga Chivaviro ngomunye wabadlali abajatshulelwa kakhulu ngabalandeli ngesikhathi esayinwa yiKaizer Chiefs okuvela ukuthi yayimbanga neRichards Bay ne-Orlando Pirates. 

Into eyenza ajatshulelwe uChivaviro wukuthi ubekhombise ukuba yingozi ngesizini edlule la eshaye khona amagoli angu-17 emuqhudelwaneni ehlukene adlale kuyo. 

Ngalesi sikhathi ubedlala kwiMarumo Gallants efike esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiCaf Confederation Cup. 

Nokho yagcina isibhayiziseka, igxila kakhulu kulo mqhudelwano wasezwenikazi, yalibala yiligi. Ibe seyidliwa yizembe ekupheleni kwesizini.

Nokho lo mgadli usabonakale kancane emidlalweni emithathu edlalwe yiChiefs kule sizini. 

Umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki ufake uRanga Chivariro sekuyophela umdlalo behlula iCape Town City kwiMTN8 ngempelasonto.

“Ngicabanga ukuthi ngayisho lento ngesikhathi ngikhuluma nabezindaba ngeviki elidlule… Ngathi sisazomonga okwamanje,” kusho uNtseki. 

“Besifuna iqembu lifike liphilile eKapa. Yilokho ebesikuhlelile ukuthi abadlali babe sesimweni esifanele. 

“Simfake ngoba abadlali babo basemuva bebehlezi emuva,” kusho uNtseki echaza ngeqhinga lokumfaka sekuyophela umdlalo lo mgadli.

“Ungumdlali okwaziyo ukuqinisa umzimba, uyakwazi ukubamba ibhola bese eleqisela ozakwabo ngekhanda. 

“Bekuyilelo icebo lethu. Ngesiwombe sokuqala besifuna ukubagijimisa, singene ezikhaleni ngemuva kwezitobha zabo.”

Ukufakwa kukaTarriq Feilies yikhona okwenza uNtseki abone ukuthi uzakwabo weCity, u-Eric Tinkler useyovala emuva.

“Ufakelwe ukuyoqinisa emuva ngakho besidinga ukufaka uRanga noSaile ohlangothini (lwesikudla). 

FUNDA NALA: ISundowns iyayazi indlela i-Arrows engayidumaza

“Sibe sesiphushela u-Ashley (du Preez) ohlangothini lwesinxele ngoba yize ebesekhombisa ukukhathala ngasekupheleni komdlalo, kodwa ubesalwa.”