EzakamuvaEzokusubatha

Izihibe azivimbanga ukuthi kuqhubeke iPrince Mangosuthu Marathon

SIDLABEHLEZI GUMEDE

Iqhubeke sekuvalwe amehlo iPrince Mangosuthu Buthelezi Ultra Marathon ehlelwa uMasipala waseMzinyathi, njengoba indlela yokwenza amalungiselo ayo kade inezihibe.


Izihibe kusolwa ukuthi zidalwe isinqumo sobuholi be-IFP sokwenza izinguquko ebuholini njengoba budilize esikhundleni obeyiMeya uMnu Petros Ngubane.

UNgubane uhoxisiwe kwafakwa obeyiphini lakhe uNkk Thembisile Mchunu.


Ekhuluma nabezindaba uMchunu uvumile ukuthi bebukhona ubuhixihixi kumalungiselelo omjaho kodwa ngomusa kankulunkulu wagcina uhlalile.


“Kuyaziwa ukuthi njalo uma kuba khona izinguquko kuba khona lapho kuphazamiseka khona, nathi sishaywe yinto efanayo,” kusho uMchunu.


Uthe bagcine bephoqa ukuthi umjaho uqhubeke noma kade kunzima ngoba kade bengafuni ukufaka odakeni igama likaMntwana wakwaPhindangene.


“Siyathemba ukuthi esikhathini esizayo sizokwenza kangcono ngoba sizaba nesikhathi esanele sokuhlela,” usho kanje.


UMchunu uthe uButhelezi wabadonsa ngendlebe esaphila ukuthi kungcono bawuyeke lo mjaho bangawenzi uma uzogcina usungcolisa igama lakhe.


Uthe nakuba izinkinga bezikhona kodwa ujabule ukuthi umjaho ukhombisa ukukhula.


“Umjaho wethu usungenelwa abasubathi ngisho abaqhamuka ngaphandle kwezwe iNingizimu Afrika njengoba abaphume phambili kwabesifazane kube abavela eKenya,” usho kanje.


Uthe abasubathi abaningi sebesebenzisa umjaho wabo ongu-52 km ukulungiselela i-Comrades Marathon.


Umjaho wabesilisa i-52 km, unqotshwe u-Onalena Khonkhobe ogoduke no-R150 000, kwathi owesifazane wanqotshwa u-Shelmith Muriuku naye ocoshe uR150 000.


Indodana kaMntwana wakwaPhindangene, inkosi Zuzifa Buthelezi enkulumeni yayo ithe bewumndeni bayazicubungula izicelo zabantu abafika befuna ukusebenzisa igama likaMntwana ngoba befuna ukuqinisekisa ukuthi ekugcineni ngeke lithelwe ngodaka.


Uthe kuwumsebenzi wabo ukwenza isiqiniseko sokuthi igama namagalelo kaMntwana kuhlale kusezingeni.