EzakamuvaIbhola

Uvele wakhihla isililo owaseBrazil ekhuluma ngokucwaswa

Umdlali weReal Madrid, uVinicius Junior, uvele wahluleka ukuzibamba wakhala ngesikhathi ebuzwa ngokucwaswa ngokwebala akutholayo eSpain.

Lo mdlali, oneminyaka engu-23, usehlukumezeke kakhulu eSpain lapho ecwaswa khona ngokobuhlanga emidlalweni yeLa Liga.

Ubekhuluma esithangamini nabezindaba, njengoba izwe lakhe iBrazil lizobhekana neSpain emdlalweni wobungani weFifa.

Muva nje uVinicius Junior uphinde wathola ukuhlukumezeka ngokobuhlanga ngesikhathi iReal Madrid ibhekene neSavilla.

Ngemuva kwaleso sigameko lo mdlali waseBrazil uthe iSpain “yizwe eligcwele abantu abacwasa ngobuhlanga.” Akakwazanga ukuzibamba ngesikhathi ekhuluma ngalokhu nabezindaba, wavele wakhala.

“Ngiyaxolisa. Engikufunayo mina ukudlala ibhola, ngenzele iqembu lami konke kanjalo nomndeni wami,” kusho lo mdlali kwabezindaba.

“Angifuni ukubona abantu abamnyama behlupheka. Sengike ngacabanga ngokuthi ngivele ngiyeke.”

Nokho uzwakale eqinile futhi enethemba lokuthi uzokuthola ukwesekwa akudingayo.

“Angikaze ngicabange ukushiya eSpain ngoba lokho kuzobe kuwukunika laba abacwasa ngokobuhlanga lokhu abakufunayo,” kusho lo mdlali.

“Ngeke ngishiye iqembu elikhulu emhlabeni. Abacwasa ngokobuhlanga bancane, ngizoma, ngiqine ngoba umengameli neqembu bayangeseka.

“Ngithola amandla nokwesekwa emndenini wami, kubantu abahluphekayo ngoba ngiyazi lapho ngiphuma khona. Ngiphuma endaweni engenakho okutheni okunika ithemba ngekusasa.”

ISevilla ikhombise ukumeseka uVinicius Junior ngokuthi itshele umlandeli othintekayo ukuthi angaphinde alubhade emidlalweni yayo.

Lo mdlali waseBrazil ukujabulele lokho wase ebonga leli qembu kwi-X, ebeyaziwa nge-Twitter.