BUKA: Uzidlela ubusha bakhe uKhama Billiat ‘oweqa’ kwiChiefs
Njabulo Shezi
UKhama Billiat akakacacisi namanje ukuthi kwakwenze njani eze ehamba engasavalelisile kwiKaizer Chiefs abesehlale kuyo iminyaka emihlanu.
Lo mdlali uphelelwe yinontileka kwiChiefs ekupheleni kukaJuni. Nokho iChiefs ithi beyifisa ukumgcina futhi wamnika inkontileka entsha.
Kodwa, ngokwaleli qembu laseNaturena, uKhama Billiat wahamba ewumuntu osayocabanga kodwa akaphindanga wabuya.
“Ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe iqembu limnike inkontileka yokuthi aqhubeke nokudlalela iqembu uKhama Billiat.
“Ubengakaze aphendule lutho ngalokhu esimbekele kona etafuleni. Ugcine ukubonakala eqenjini ngoJuni 29 kanti akayiphenduli ifoni nemiqhafazo athunyelelwa yona.
“Iqembu lisekhempini, lapho naye kumele ngabe ukhona, kodwa asimazi nokuthi ukuphi,” yasho kanje iChiefs ngaleso sikhathi.
Imenenja kaKhama Billiat, uGodfey Busaka, yatshela Impempe ukuthi leli qembu alenzanga ubulungiswa ngalesi sitatimende.
“Ukungaphenduli izigcingo zeKaizer Chiefs kwenziwa wukuthi yena akayona imenenja.
“Yimina imenenja kaKhama Billiat. Manje njengoba bengafuni ukuxoxisana nami angazi bafuna ukumisa kanjani.
“UKhama ngumdlali omdala kakhulu uyayazi into ayifunayo,” kusho uBusaka ecacisa ngokwakwenze lo mdlali ame ejimini.
Kuze kube manje ke akucaci ukuthi uKhama Billiat uzobe edlala kuphi kodwa yena kuyacaca ukuthi uyazithokozisa.
Kuleli viki ufake ividiyo yakhe kwiFacebook ezijuxuza nokukholakala ukuthi yintombi yakhe.
Kule vidiyo ugqoke izinwele zokwenziwa lezi ezivamise kwabesifazane bese elokhu ekhuluma nalo wesifazane anaye endlini.
Akuzwakali ukuthi uthini ngoba ingoma isho phezulu kodwa lo wesifazane yena uyahleka bese embalekela.
FUNDA NALA: Utape izinyosi usehlokoloza iziqandi uMorgan Mammila
Bayajahana ke ngendlela yokudlala kanti uBilliat uphethe nesiphuzo esandleni esibukeka ngathi yilezi ezibizwa ngama-cocktails. Buka ividiyo ngezansi: