Kuphelile ukuzigqaja kuPitso Mosimane, useyafesa
SIHLE NGUBO
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uPitso Mosimane uthe akasoze athumele noma afake isicelo (CV) sokuqeqesha iqembu elithile yena, ngenxa yezinga asekulona kwezokuqeqesha.Â
Wathi iqembu elimfunayo yilona okumele lize kuyena lizokhuluma naye, ngeke afese yena.
Lapha wayebuzwa mayelana nokumataniswa neKaizer Chiefs, nokuthi angalicija yini leli qembu laseNaturena.
“Kumele ukhumbule ukuthi kuleli zinga engikulona angiyifeseli imisebenzi,” wacashunwa esho kanje uMosimane.
Kusobala ukuthi azibanga khona izingxoxo phakathi kukaPitso neChiefs njengoba leli qembu laseNaturena selimqashile umqeqeshi ozolihola ngesizini ezayo.
Nakhuke sekuvela ukuthi uMosimane uyafesa kwiSAFA, ukuze avale isikhala sikaHugo Broos, oshiyayo ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
Kuthiwa uyithumele impela iCV yakhe, inamanye ayinqwaba alabo abagaqele lesi sikhundla, abalinganiselwa ku-80.
UJack Maluleke, ongusihlalo weTechnical Committee yesaSAFA, utshele abezindaba ukuthi uMosimane ungomunye wabaqeqeshi abafake izicelo zokucija iBafana Bafana.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi phakathi kwamagama amaningi abaqeqeshi abafake izicelo zokuthatha umsebenzi weBafana Bafana, likhona igama likaPitso Mosimane. I-CV yakhe ilapha kimina,” kusho uMaluleke.
UMosimane uke wayiqeqesha iBafana Bafana phambilini kodwa kwangahamba kahle, wagcina exoshiwe.
Nokho ngemuva kwalokho wenze kahle kakhulu emaqenjini awaqeqeshile ikakhulukazi iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly yase-Egypt.
Unqobe iCAF Champions League neSundowns ngo-2016, wase eyiphakamisa kabili ne-Al Ahly ngesikhathi asihlale kuleli qembu.
Uphinde wanqoba iSuper Cup nawo womabili la maqembu, nezinye izindebe.
IBafana Bafana izobhekana neCanada emdlalweni weLast 32 yeNdebe yoMhlaba, ngeSonto ngo-9 ebusuku.

