Baningi abadlali abakhulekwe izinkontileka kwiDowns, abafisa ukuhamba
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns ibukeka ingafuni nhlobo ukudedela abadlali bayo okuvela ukuthi bafunwa amanye amaqembu, yize ezimisele ngokukhokha imali ebhekile ngabo.
Selokhu leli qembu laseChloorkop libuye kwiFifa Club World Cup ese-USA, kunabadlali balo abafunwa amanye amaqembu, futhi nayo iSundowns ayikuphiki lokho.
Kulabo badlali kukhona uLucas Ribeiro Costa ongakaze adlale kule sizini ngoba efuna ukuya kwelinye lamaqembu amfuna uthuli.
Nokho kubonakala sengathi iSundowns ayikwazi ukufinyelela esivumelwaneni namaqembu afuna lo mdlali waseBrazil osenenkontileka nayo.
Lo mdlali usekucacisile nokho ukuthi akasafuni ukudlala kwiSundowns, wafaka incwadi yokwesula.
“Ngicabanga ukuthi sengicele ukunqamula inkontileka yami neMamelodi Sundowns, okuyinto engizoyichaza kwiFIFA Football Tribunal,” kusho uRibeiro.
“Sengithole amaqembu ambalwa angifunayo, kumbandakanya awase-European Union.
“Manje sengifuna ukwenza lokhu okulungele mina nekusasa lami ukuze ngithathe isinqumo okuyisona…
“Abaqashi bami abasha (bakusasa) ngeke bambakanyeke kulo mdonsiswano wami neSundowns.”
Omunye umdlali weSundowns ongeneme eqenjini uKhuliso Mudau, naye okuke kwavela ukuthi likhona iqembu ebelimfuna.
Kuze kwavela ukuthi uMudau udubile wangaya ejimini ngoba efuna ukukhushulelwa iholo lakhe uma kungukuthi abafuni ukumdedela.
Naye lo mdlali weBafana Bafana akakadlali nowodwa umdlalo kwiSundowns selokhu kuqale isizini.
UKutlwano Lethlaku naye kunemibiko yokuthi ufunwa yiqembu lasePortugal elizimisele ukukhipha u-R30 million ngaye.
Nakhona akucaci ngoba iSundowns akukho ekwamukelayo okubekwa yileli qembu.
Emasontweni edlule kuke kwavela ukuthi uPeter Shalulile naye ucele ukudedelwa ahambe ngoba efuna ukuyodlala kwelinye iqembu.
Ayizange imdedele iSundowns njengoba edlalile emdlalweni odlule waze washaya igoli bebhekene neMagesi FC koweBetway Premiership, ngoLwesithathu.
Leli bese kuyigoli lakhe lika-129 kwiPSL, nokumenza alingane noSiyabonga Nomvete.
Omunye umdlali osekwaziwa ukuthi akeneme nakancane kwiSundowns, uThapelo Maseko.
Lo mdlali unokubhala izinto ezinkundleni zokuxhumana ezikhombisayo ukuthi akajabulile kuBafana Ba’Style.
UMaseko udlalile naye bebhekene neMagesi njengoba iqembu belenze ushintsho lwabadlali abayishumi.
Kukhona konke lokhu iSundowns izithethelela ngokuthi iyaxoxa namaqembu afuna abadlali bayo.
“ISundowns seyithole izicelo, ikakhulukazi ngemuva kweFifa Club World Cup, zivela emaqenjini aziwayo ebuza ngabadlali abathile bayo,” kusho ingxenye yesitatimende seSundowns.
“IMamelodi Sundowns izibophezele ukuqhubeka nalezi zingxoxo, njengomgomo nokuzinikela ekubhekeleni inhlalakahle yabadlali neqembu, nabo bonke abathintekayo.
“Abadlali, yithimba labaqeqeshi, abaphathi neqembu, yibhodi nosihlalo weqembu uThlopi Motsepe, bagqugquzelekile ukudlala yonke imiqhudelwano eNingizimu Afrika nase-Afrika.”
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, usanda kuveza ukuthi ufuna ukulinciphisa iqembu ukuze asebenze kahle nesikwati esingesikhulu kakhulu.
Bakhona abadlali asebehambile kuleli qembu laseChloorkop okubalwa kubona uNeo Maema, osejoyine iSimba SC, noThembinkosi Lorch, osayine inkontileka yeminyaka emibili kwiWydad Athletic Club yaseMorocco.
ISundowns izobhekana ne-Orlando Pirates emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Emdlalweni wokuqala la maqembu abambene ngo 1-1 e-Orlando Stadium.
Ngokomthombo ongaphakathi eChloorkop, uCardoso uzokhonjwa eza ngayo uma ehluleka ukunqoba indebe yeMTN8.

