EzakamuvaiNedbank Cup

UDaine Klate uncoma uMokwena, ngabe uyalalisa? 

Ngaphambi komdlalo wabo womzuliswano wokuqala kwiNedbank Cup eDobsonville Stadium, umqeqeshi weLa Masia uDaine Klate uveze akufunda kuRulani Mokwena.

UMokwena ucija iMamelodi Sundowns le ezikaDaine Klate zizobe zibhekene nayo kulo mdlalo wangoLwesibili ebusuku. 

UDaine Klate ubalule ukuthi uMokwena waba yisibonelo kuye ngesikhathi esadlala futhi manje, njengoba naye eseqeqesha, ufisa ukulandela indlela efanayo yokukhula nokuthuthuka kulo mkhakha.

“Umqeqeshi uMokwena nguyena obengigqugquzela ngesikhathi ngisadlala, yena ngaleso sikhathi ubekhula ekuqeqesheni.

“Kuyajabulisa ukubona indlela enza kahle ngayo futhi ayiphethe kahle ngayo iSundowns,” kusho uKlate, oneminyaka engu-38.

“Kodwa, kufanele sibheke kubo futhi kufanele sifunde okuningi ngendlela esingakwazi ngayo.” 

UKlate, oseke waqeqesha kwiChippa United kodwa washeshe waxoshwa njengabanye, uthi naye uyakhula kulo msebenzi.

“Ngijabule ngendlela engihamba ngayo, ngokukhula kwami ​​njengomqeqeshi nangendlela engifunda ngayo.

“Ngibheke phambili eminyakeni emine noma emihlanu ezayo, mhlawumbe ngizobe sengisezingeni elihlukile.”

UKlate uthe umdlalo abazowudlala namaBrazillians uzonikeza abadlali bakhe ithuba lokuzibona izinga abakulo. 

“Ngicabanga ukuthi eqenjini elifana neLa Masia, wumcimbi omkhulu lona (ukudlala neSundowns). 

“Ngicabanga ukuthi kuyisifundo esikhulu eqenjini lonke, kubadlali bonke nawo wonke umuntu ofuna ukuba sezingeni lePremiership, yilapho iSundowns ikhona,” usho kanje.

“Ngiyihlonipha kakhulu iSundowns, ithimba labaqeqeshi futhi singafunda lukhulu kulezi zimo nalolu hlobo lomdlalo. 

“Inhlosongqangi wukukhuphukela kwiPremiership. Futhi leli yithuba elihle lokuthi abadlali babone ukuthi bakuphi nokuthi bagqugquzeleke ekudlaleni kwiPremiership.

“Lokhu kubanikeza ithuba lokuzilinganisa namaqembu ahamba phambili.

“Okubalulekile kithina wukwenza kahle kwiligi. Ngesizini edlule leli qembu belilwela ukuvika izembe, lasinda kulokho.

“Kumanje sihlezi maphakathi nendawo kwiligi, cishe uma singathola amaphuzu ayisikhombisa kuya kwayi-10 singaphuma ogibeni lwezembe. 

“Sifuna ukunykela phezulu. Ngicabanga ukuthi lo mdlalo weSundowns ufike ngesikhathi esihle kithina.”