Eminye imidlaloEzakamuva

Sekudutshulwe kwabulawa onqobe iDundee July 

Intatheli yeMpempe

Sekuvele kwaba muncu emkhakheni wezamahhasi KwaZulu-Natal kuvela izindaba zokubulawa kukajoki onqobe iDundee July yakulo nyaka. 

Ngokwesitatimende somnyango wezemidlalo, uLindani Dube ubulawe ngesikhathi esendleleni eya emjahweni wamahhashi e-Eastern Cape ngoLwesibili. 

UDube unqobe iDundee July egibele ihhashi u-Alpha and Omega, wabuyela ekhaya emoyizela yedwa njengoba aklonyeliswa ngoR300 000 ngokunqoba kwakhe lo mjaho. 

UDelani Madonsela, ongusihlalo weKZN Traditional Horse Racing and Breeding Association, uDube ubehamba noNqaba Bandla ngoLwesibili ebusuku beya e-Alfred Nzo District e-Eastern Cape. 

Bebeyoncintisana emjahweni wakhona ozoba ngoSepthemba 2. Kodwa babe sebehlangana nequlu labantu ebelibhikisa. 

Kukhona abevele badedela inhlamvu kuleli qulu, badubuleka bafa bobabili uDube noBandla. UDube ubeyogibela ihhashi likaBandla elibizwa ngo-Ikusasa Alaziwa. 

Ungqongqoshe womnyango wezemidlali eKZN, uDkt Ntuthuko Mahlaba ukhalisane nemindeni yabashonelwe wathi lesi sehlakalo simbi kakhulu. 

“Lesi sehlakalo esimbi singishiya ngingenamazwi. Imithandazo yethu ibeka ubaba uDube ochithe iminyakanyaka ecija indodana yakhe ukuthi ibe ngumpetha kulo mdlalo wemijaho yamahhashi. 

“Siyazwelana kakhulu nomndeni wakhe, ozakwabo nemboni nje yonke yemijaho yamahhashi. 

FUNDA NALA: Kuzodela umakhasana Emtshezi zihlubana ngesibhakela

“Singumnyango nemboni yemijo yamahhashi silahlekelwe kakhulu yithalente ebelivelele kwezemidlalo. Siphelelwa amazwi,” kusho uMahlaba.