Ukhuza ibuya kwiPSL uSinky Mnisi wesikhwama samaphuzu
Njabulo Shezi
USinky Mnisi usezoba yisikhulu esiphezulu kwiMarumo Gallants kanti kuzobhekwa ngabomvu ukuthi ngabe nayo uzokwazi yini ukuyinqobisa kwiMotsepe Foundation Championship.
Lesi sikhulu esinamava, sihlezi sizincoma ngokuthi sona sinesikhwama saso samaphuzu futhi iqembu esisebenza kulo liwawabutha nje.
Nguye obeyisikhulu esikhezulu ngesikhathi iRoyal AM ‘inqoba’ kwiChampionship yize yagcina kuthiwa iqede ngemuva kweSekhukhune United.
Ngesikhathi esemisiwe kwiRoyal AM, wabiza isithangami sabezindaba la ayeveza khona ukuthi ukube bamyekile enze umsebenzi wakhe ubezoyinqobisa iDStv Premiership.
Wagcina exoshiwe kuli qembu likaShauwn Mkhize kanti kuvela ukuthi base bephenduke inkukhu nempaka.
Lokhu kwakungenxa yokuthi uSinky Mnisi wayeseliphethe sengathi elakhe iqembu esethatha izinqumo ezinqala engakhulumile noMaMkhize.
Phakathi kwalezo zinqumo kukhona nesokuxosha uJohn Maduka qede aqashe uKhabonina Zondo owayesenesikhathi agcina ukuqeqesha esigabeni esikhokhelayo.
Waphinde wasayina nomgadli owayesuka kwiKaizer Chiefs uSamir Nurkovic elimele kanti wagcina exoshwe engakaze adlale.
Lezi zinqumo zakhe zayixova zayiqeda iRoyal AM njengoba igcine isidonsa kanzima ngesizini edlule.
Ngasekuqaleni kwalo nyaka kuke kwaputshuka ividiyo la uSinky Mnisi ayexoxela ayenabo emhlanganweni othile ukuthi uya kwi-Orlando Pirates.
Wayezikhininda ethi useqede konke no-Irvin Khoza ongusihlalo wePirates futhi umcele ukuthi azomwinela iligi, aqede ukubusa kweMamelodi Sundowns.
Kodwa ke manje usevumbuke kwiGallants edliwe yizembe kwiPremiership ngesizini edlule.
FUNDA NALA: IChiefs seyihlome ngomgadli waseColombia uJasond Gonzáles
Kufanele ukuba into alandelwe yona wukuzoyisiza ishaye ijika elisheshayo, ibuyele kulesi sigaba esikhulu ebholeni lakuleli.