EzakamuvaIbhola

Ucikwe ukungadlaliswa, waduba iqembu oweBanyana

Umakadebona wesitobha seBanyana Banyana, uJanine Van Wyk uvele waduba, washiya phansi ekhempini yaleli qembu kulandela ukungadlaliswa.

UVan Wyk akazange adlale ngesikhathi iBanyana ibambana 1-1 neDemocratic Republic of Congo emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlungela ama-Olympics eKinshasa. 

Uveze ukucikeka nokuphoxeka kwakhe ngalokhu, wabe eseshiya phansi ehamba engasavalelisile. 

Njengoba ebesedlale imidlalo engu-183 kwiBanyana, uVan Wyk ubebheke ukuthi adlale kule midlalo emibili yokuhlunga bese ewabeka ethala amakhokho. 

Ubezobe eseqophe irekhodi ngokuba ngumdlali onemidlalo eminingi kunabo bonke eqenjini lesizwe e-Afrika. 

Njengamanje lelo rekhodi liphethwe yinkakha yase-Egypt u-Ahmed Hassan onemidlalo engu-184 eqenjini lesizwe.

UVan Wyk, oke wangukaputeni weBanyana isikhathi eside, uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ezinkundleni zokuxhumana (ebeyaziwa ngeTwitter), echaza ngemizwa yakhe ngemuva kokuncishwa ithuba lokuqopha umlando. 

“Angikwazi nokubuchaza ubuhlungu engibuzwa ngaphakathi kimi,” ubhale kanje lo mdlali oneqembu lakhe labesifazane iJVW Girls. 

“Bekuyisikhathi sami sokugcina obekumele ngisijabulele kodwa sesiphenduke esosizi nendumalo.” 

Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis ukuqinisekisile ukushiya kukaVan Wyk eqenjini lakhe ngaphambi komdlalo womlenze wesibili. 

IBanyana izovakashelwa yiDR Congo e-Orlando Stadium ngoMsmbuluko ntambama. U-Ellis uthi mhlawumbe lisazovela ithuba lokuqopha umlando kuVan Wyk.

“UJanine akekho lapha (ekhempini). Ngokomqondo, akekho esimweni esihle kulandela okwenzeke eDR Congo ngoba asimdlalisanga. 

FUNDA NALA: Azeneme izikhulu zeChiefs ngonozinti owenza iphutha elilodwa njalo

“Lisekhona ithuba lokuthi ayithole le midlalo ayifunayo. Sinemidlalo ezayo yokuhlungela iCaf Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngenyanga ezayo,” kusho u-Ellis.