EzakamuvaiDStv Premiership

Ibuye ‘nerepoti lakafestiye’ iRoyal AM ishaywa yiStellies, uMaduka uyalila

Sbongs Gumbi

Ukhala ngokuthi uyanda kunokuthi unciphe umsebenzi omhlalele umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka. 

Lokhu kulandela ukuthi iqembu lakhe lithole isibhaxu sika 3-1 kwiStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu kusihlwa. 

IRoyal AM ifane nengane yakafestiye ebuya neripoti elibhalwe ukuthi ‘kubi’ kuzo zonke izifundo ezenzayo.  

Akukho okuhle nokuchaze uMaduka okwenziwe yiqembu lakhe kulo mdlalo obuseHarry Gwala Stadium. 

“Siphoxekile. Kusukela umdlalo uqala waze wayophela bebephezu kwethu. Besingakwazi ukwenza lutho oluhle,” kusho uMaduka ngemuva komdlalo.

Yize bekuyiStellies ebesiphethe umdlalo, kube yiRoyal AM elishaye kuqala igoli. 

Libe wumphumela womnyakazo omuhle kaMesuli Cele. 

Lo mfanyana osemncane unqamule nezitobha zeStellies waze wayongena ebhokisini qede wadedela elihle ibhola, layokhala enethini. 

Kodwa noma seyihamba phambili iRoyal AMihlulekile wukucindezela. IStellies ibuyile esiwombeni sesibili. 

Kuqale uDeano van Rooyen, washaya elokulinganisa. Kube sekulandela oJayden Adams no-Iqraam Rainers sebeqedela umsebenzi. 

“Uma unika iqembu elinjena ithuba lokuphatha ibhola lizokulimaza ngoba indlela abaphaselana ngayo iyashesha. 

“Yithi esilithole kuqala igoli kodwa nalapho asikwazanga ukujika izinto, sahluleka ukubacindezela. Kube umdlalo omubi kakhulu. 

“Sibavumelile ukuthi bangene engxenyeni yethu yenkundla ngomathanda kanti uma ubadedela benze lokho usuke uzifaka enkingeni,” kusho uMaduka. 

Noma kukubi kunje, uMaduka akalilahlile ithemba ngoba uthi amaphutha bazowalungisa, bazame ukuba ngcono.

“Nala besilithola khona ibhola besihluleka ukubahlasela siyokhahlelela ipali. 

“Kumele sikwazi ukuvala kahle emuva, bese sikwazi nokuhlasela ngendlela ehlelekile.

FUNDA NALA: Isililo kuMotaung kushona isikhulu esenza kwaba neKaizer Chiefs

“Kodwa sizokulungisa konke lokho, yinto esisoziyisebenza ngokuzimisela. Sizogcina singcono kunalokhu.”