Iqembu lePSL libe sengozini yomgwaqo ngemuva kokuthola isibhaxu eThekwini
SIHLE NGUBO
Iqembu lePremier Soccer League (PSL) iMarumo Gallants limbandakanyeke engozini yemoto ngemuva kokubhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto.
Leli qembu lithole isibhaxu sika 4-0 kuBafana Bes’thende kulo mdlalo obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Bese libuyela eBloemfontein ngesikhathi ibhasi ebelithwele lonke iqembu lishayisana nemoto encane.
Nokho kubikwa ukuthi abekho abalimele kubona bonke abebesebhasini.
IGallants ithelwa ngesibhaxu sika 4-0 nje ibisanda kudlala ibhola elihle ibhekene neStellenbosch FC koweCarling Knockout, phakathi nesonto eledlule.
Kulo mdlalo inqobe ngo 4-0 kanti bekuvutha kakhulu uPhilip Ndlondlo oshaye amagoli amabili.
IGallants isazobuyela eThekwini njengoba izophinde itholane phezulu ne-Arrows emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout, eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto.
Akwaziwa ukuthi Abafana Bes’thende bazophinde badedele isibhaxu esifanayo yini kuleli qembu laseBloemfontein, ukuze bezibekisele indawo kowamanqamu weCarling Knockout.
Ngaphambi kwalo mdlalo ezikaManqoba Mngqithi zizobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership enkundleni efanayo ngoLwesithathu ebusuku.
IPirates akulindelekile ukuthi ibuyele eGauteng ngemuva kwalo mdlalo ngoba inomdlalo weCarling Knockout ezowudlala eThekwini.
IBucs izobhekana neRichards Bay FC emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
IPirates ibambane neMamelodi Sundowns ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Stadium ngoMgqibelo.
INatal Rich Boyz nayo ithole umphumela ofanayo ibhekene nePolokwane City ngoMgqibelo.

