EzakamuvaiNedbank Cup

Xoki: Besingafuni ize izibone inethuba kithi iCrystal Lake

UTapelo Xoki, we-Orlando Pirates, uthi bebengafuni nokuyinika intuba encane iCrystal Lake abayibhaxabule ngo 6-0.

Lo mdlali wasemuva ushaye amagoli amabili kulo mdlalo weNedbank Cup Last 32, eMbombela Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Kuphele imizuzu engu-11 iPirates seyihamba phambili ngo 3-0 kanti elinye lamagoli bekuyiphenathi kaTapelo Xoki ayishaye ngomzuzu wesishiyagalombili.

Ubuyile futhi lo mdlali wasemuva, obuye adlalele iBafana Bafana, wangqofela phakathi igoli lakhe lesibili lomdlalo ngomzuzu ka-51.

“Sibonga abalandeli ngokuphuma ngobuningi babo bezokweseka lo mdlalo,” kusho uXoli oqokwe njengomdlali ovelele.

“Bekumele sigxile emdlalweni singaphazamiseki ngoba besihlele ukuwuqala kahle (umdlalo).

“Besingafuni basididise maphakathi nomdlalo ngoba nakhu singalitholile igoli, nabo sebenokuzethemba.”

Ziye ekhefini kulo mdlalo iPirates ihamba phambili ngo 4-0. Umqeqeshi wePirates uJose Reveiro naye ukujabulele ukushaya iCrystal Lake.

“Bekungamele nje sibanike ithuba futhi bekumele siqale kahle,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.

“Kusifanele ukuwina futhi yinto enhle kakhulu ukuthi sizodlulela phambili emqhudelwaneni.

“Imidlalo emithathu yokugcina asenzanga kahle kuyona silahla amaphuzu.

“Ngaphandle kwalokho singenelwe amagoli kuyona ngakho kuhle ukuthi singalidedeli igoli namuhla (ngoMgqibelo).”

IPirates seyizobuyela enkundleni ngoMgqibelo seyiyobhekana nePolokwane City edlalweni weDStv Premiership.