EzakamuvaIbhola

Kungase kubonakale abasha iPirates iqala oweChampions League

Njabulo Shezi

Abadlali abasha be-Orlando Pirates abasha abebengakalitholi ithuba lokudlala bengase balinikwe uma seyiqala umkhankaso wayo kwiCaf Champions League. 

IPirates izodlala esigabeni sokuhlunga salo mqhudelwano. Izoqala ekuhambeni eComoros la izobhekana khona neDjabal FC ngoMgqibelo ngo 2.30 ntambama. 

Kulo mdlalo kulindeleke izinguquko kubadlali njengoba umqeqeshi uJose Riveiro eshilo ukuthi uzoke alishintshe iqembu. 

“Njengoba ngake ngachaza kaningi, asikhoelwa ekushinstheni abadlali nje esikhaleni,” usho kanje lo mqeqeshi. 

“Sikholelwa ekushintsheni iqembu uma sekufike isikhathi salokho, uma kukhona umdlali okudingayo ukushintshwa. 

“Sishintsha ngoba sifuna ukwenza into ehlukile noma uma kukhona owehlelwe yifomu kubadlali bethu. 

“Sizodlala umdlalo ohlukile esimweni esihlukile futhi lokho kuzodinga senze uguquko oluthile. Hhayi olukhulu kodwa.”

Kubadlali abasha abangase bathole ithuba lokudlala okokuqala kwiPirates kusukela befikile kukhona uLesedi Kapinga, uKarim Kimvuidi noMelusi Buthelezi. 

Kuzobe kungekhona okokuqala iPirates ibhekana neDjabal njengoba nangesizini ka-2012/13 lamaqembu adibana kuso lesi sigaba. 

Ezimnyama zadlula ngehubo kuleli qembu laseComoros, zilishaya ngo 9-0 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili. 

FUNDA NALA: Uselitholile ikhaya elisha uKhama Billiat owaduba iChiefs

Kukuyo leyo sizini la iPirates yahamba yaze yayohluleka kowamanqamu kulo mqhudelwano.