EzakamuvaIbhola

URamoreboli weseka uNtseki, kugudleke iBucs ngesithombe

Izinkulumo eziqhamuke ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki kwiKaizer Chiefs zimxhlile umqeqeshi weJwaneng Galaxy yaseBotswana, uMorena Ramoreboli. 

Lo mqeqeshi uxhileke ngendlela yokuthi uze waphumela eshashalazini, wakhuluma ngakuzwa ngaphakathi kuye kulandela ukuxoshwa kukaNtseki. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uRamoreboli noNtseki badabuka eFree State bonke, futhi bake basebenza ezinhlakeni zamaqembu amancane kwiSafa. 

“(Singabaqeqeshi) Siqashelwa ukuthi sixoshwe. Uma umqeqeshi omnyama elahlekelwa umsebenzi wakhe, into yokuqala engifikelayo umndeni wakhe,” kubhala uRamoreboli kwi-Intsagram. 

“Yingakho ngingeke ngisho lutho olubi ngomuntu olahlekelwe umsebenzi wakhe. 

“Kulezi zinsuku esiphila kuzo, izinkundla zokuxhumana seziphenduka ishashalazi lokulokuthuka abanye abantu, ikakhulukazi abaqeqeshi bebhola.” 

URamoreboli ukholwa wukuthi imiphumela etholwa yiqembu ayisuku kumqeqeshi nje kuphela, kodwa iba ngenxa yokubambisana kwazo zonke izinhlaka eqenjini. 

“Imiphumela ebholeni akuyona eyomqeqeshi nje yena, ifaka abadlali, nabaphathi ngokufanayo. 

“Ngaphambi kokuthi ukhiphe umunwe uwubhekiwe kothile, awuzibuze umbuzo othi, ‘kungenzeka yini ukuthi?’. 

“Uma ungumqeqeshi, unesikhathi sokubhala ezinkundleni zokuxhumana into engasile ngomunye umqeqeshi kumele wazi kukhona okungalungile ngawe. 

“Inkulu ingcindezi kulo msebenzi, akukaze kwaba lula. Uma nje singakuqonda lokho, kungaba kuhle,” kucacisa lo mqeqeshi.

Yize abalandeli bebevumelana naye ngenkulumo ayishoyo, kodwa kusolwe isithombe asisebenzile, kwathiwa siyiqeda umsoco inkulumo yakhe. 

Ufake isithombe sakhe enomqeqeshi wePirates, uJose Riveiro. Lokhu kwenze kwaba sengathi le nkulumo ugudla ngayo umqeqeshi weBucs. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uRiviero wathi kunezinto angeke azisho ezenze kwanzima kuye nePirates ukuthi badlulele phambili kwiCaf Champions League

Wakusho lokhu kulandela ukuwashiwa kwezakhe ijezi yiJwaneng eyabahlula sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wokuhlunga. 

U-Eli Mallumedzha uphendule wathi, “Kodwa uJose yena ungenaphi kule ndaba? Ngabe naye wehlulwa umsebenzi? 

“Usuvele wayiqeda umsoco le nkulumo yakho ngalesi sithombe, besingenasidingo.” 

USiyanda Nino yena uthe uRamoreboli bekumele ngabe ufake isithombe somngani wakhe uNtseki, hhayi uRiveiro. 

“Awukwazanga yini ukuthola isithombe sakho uwedwa ukuze uyeke ukuhlanganisa umqeqeshi uJose nokwehluleka? 

FUNDA NALA: ‘Sasingaphuzi, sasibuhlaba,’ kusho uZulu owayedlala kwiSundowns

“Bekumele usebenzise isithombe somngani wakho uNtseki okungenani,” kubhala uSiyanda.