EzakamuvaiDStv Premiership

AmaZulu avuke ngonyazi lomgadli waseGuinea 

Sihle Ngubo

Asemtholile umgadli AmaZulu FC akholwa wukuthi uzoyiqeda indlala yamagoli edla lubi kuleli qembu. 

AmaZulu angelinye lamaqembu angawazi amapali lapho egxunyekwe khona njengoba engakayibhakuzisi inethi kusukela isizini iqalile. 

Leli qembu laseThekwini selidlale imidlalo emithathu ngokulingana langashaya nelilodwa igoli.

Le nkinga ngisho umdlali walo Usuthu, uBongi Ntuli ukhalile ngayo ngeviki elidlule. 

Uthe abadlali basemuva benza umsebenzi omuhle ngoba amagoli awangeni ngakubo, ngakho sekushoda kubo nengabagadli. 

Nokho le nkinga yoSuthu seyingas eixazululeke kwazise yiyona umqeqeshi uCijimpi Martin ahlezi ekhala ngayo. 

AmaZulu asesayine umgadli waseGuinea onamava yize eseneminyaka engu-25 nje kuphela. 

“UYakhouba Gnagna Barry wasithwalisa kanzima ngesikhathi sidlala neHoroya SC (yaseMorocco) kwiCaf Champions League,” ucashunwe esho kanje uSandile Zungu kwiFARPost.

“Sesikwazile ukumsayina. Njengoba ngikhuluma nje, usendleleni ebheke eNingizimu Afrika. Usenawo amaphepha afanele.”

FUNDA NALA: U-Andile uveza obekumenza acule engadlali kwiNdebe yoMhlaba

UBarry uzofica uNtuli, u-Augustine Kwem, uJunor Dion noVictor Letsoalo kubagadli azobanga nabo ijezi Osuthwini.