EzakamuvaIbhola

Ertugral: Nakhu okumele kwenziwe yiChiefs ukulungisa isimo

Alfred Ngubane

Ubona kusamele ibuyele emakethe iKaizer Chiefs owayengumqeqeshi waleli qembu, uMuhsin Ertugral, okhala ngokuthi inezindawo eziningi ezibuthaka. 

Lo mqeqeshi owanqoba izindebe naleli qembu laseNaturena uthi iChiefs kuzomele iqalaze kabusha ngezindawo ezixegayo eqenjini okuwuhlangothi lwesinxele nakonozinti.

“Ngiyibonile imidlalo yayo… Iibuthaka kakhulu ngasohlangothini lwesubunxele lapho kudlala khona uSifiso Hlanti. 

“Nasepalini ababahle neze. Kuzomele bathole abanye abadlali abanohlonzo abazoqinisa kule zindawo uma befuna ukuya phambili. 

“Mhlawumbe uMolefi Ntseki kuzomele ake anike uBontle Molefe ithuba ngoba usemncane usakulambele ukudlala.”

U-Ertugral, oke waqeqesha ne-Orlando Pirates neGolden Arrows, uhlaziye onozinti abakhona, wathi akamboni ongcono kunomunye njengamanje.  

“UBrendan Peterson usekhombisile ukuthi uyahluleka ngempela umumelana nengcindezi yokudlala kwiChiefs ngoba unikiwe ithuba.

“UBruce Bvuma yena ngeke ayenzele lutho iChiefs ngoba usehlale isikhathi eside ekhona kodwa engathuthuki. 

“U-Itumeleng Khune yena usangavimba kahle ukuthi nje usehlushwa wukulimala njalo,” kuchaza u-Ertugral.  

Amakhosi abhekene nenkinga enzima kakhulu emapalini njengoba uPeterson okunguye oqaliswa imidlalo eneshwa lamaphutha amabi adlisela iqembu. 

Uqale wapha iMamelodi Sundowns amagoli ngesikhathi behlulwa ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership emavikini amabili edlule. 

Uphinde esifanayo emdlalweni weMTN8 bebhekene neCape Town City kodwa ngenhlanhla yakhe bagcina bewunqobile lo mdlalo. 

NangeSonto nguye oshaye igoli iChiefs edliwe ngalo ishaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weligi.

Kodwa ke kulokhu bekuyiphutha obekungelula alivike njengoba ibhola limshayise ekhanda ngemuva selibuya ukuzishayisa epalini qede lawena enethini. 

FUNDA NALA: Ihlazo abalandeli bejikijela uNtseki kuhlulwa iChiefs

Nokho bakhona abakhala ngokuthi lize liyishayisa ipali nje ibhola bekufanele ngabe ulichithile kodwa lamehlula.