Maponyane: Nansi inkinga ngabagadli bakuleli
Alfred Ngubane
UMarks “Go Man Go” Maphonyane, owayengumgadli osatshwayo ebholeni lakuleli, uvumelana nomqeqeshi weChippa United ngokugqoza kwabagadli kuleli.
Uthi abagadli abayingozi abasekho kuleli. UMammila ukhale isililo ngesikhathi ebuzwa ngokuhluleka kwezakhe ukushaya amagoli.
Uthe njengoba abagadli anabo belimele, akukho angakwenza ngoba ukufuna umgadli kuleli kufana nokufuna umfuna ogwadule.
NoMarks Maponyane ubona ngokufanayo noMammila njengoba ethi sebeyivela kancane abagadli abazethembayo kuleli.
“Inkinga enkulu wukuthi abazethembi uma ubaqhathanisa nabagadli bangaphandle kwakuleli,” kusho uMarks Maponyane ekhuluma neMpempe.
“Umgadli ushaya igoli elilodwa emidlalweni emhlanu kuthuleke ngemuva kwalokho.
“Uma ungumgadli ungawashayi amagoli kuyaphela ukuzethemba. Kodwa uma uwashaya amagoli, kuyenyuka ukuzethemba.”
Pho ngabe isixazululo sale nkinyankiya ebonakala ikhubaza ukuthuthuka kwebhola kungaba yini?
“Kuzomele bona abagadli babhukule, bazikhandle ngokuphindiwe. Kodwa ngibona ukuthi sesifikile lapho ibhola lethu lidinga abantu abalidlalile futhi abaliqonda kahle.
“Kuzomele silandelele ukuthi kube khona umqeqeshi wabagadli nowasesiswini nasemuva njengoba kwenzeka emaqenjini aphesheya kwezilwandl.
“Phela kuyacaca ukuthi le nkinga yabagadli ayincane futhi inomthelela omubi naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.
“Bengibuka iKaizer Chiefs neMoroka Swallows muva nje. Engikuqaphelile wukuthi abagadli balamaqembu babuthuntu kakhulu.
“Buka nje iChiefs, emdlalweni wokuqala idlale ngokulingana, kungekho goli. Emdlalweni olandelayo ishaye igoli ngo-Ashely Du Preez ibhekene neMamelodi Sundowns.
FUNDA NALA: Ufuna ukuhlonipha uClive Barker ngokunqoba iMTN8
UMarks Maponyane wengeze ngokuthi uma ingasukunyelwa ngokushesha le ndaba yabagadli ebholeli lakuleli, lizokwehla isasasa lemidlalo.