‘Siphoxekile sibambana neChiefs,’ kusho oweDowns
SIHLE NGUBO
Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uDivine Lunga, uthi kubaphoxe kakhulu ukuhluleka ukuthola amaphuzu aphelele bebhekene neKaizer Chiefs ePitoli phakathi nesonto.
Lo mdlalo weBetway Premiership ugcine uphele ngo 1-1, kanti iSundowns ibikudinga kakhulu ukuthola amaphuzu amathathu.
Sezihubela sakusha emidlalweni weBetway Premiership futhi kubukeka kuzoze kucace ekugcineni ngozodla umhlanganiso wesicoco, phakathi kweSundowns ne-Orlando Pirates.
Ompetha beligi basalelwe yimidlalo emibili yeligi kanti eZimnyama zisalelwe emithathu.
Uma iPirates iyinqoba yomithathu imidlalo yayo izokhala yemuke nesicoco seligi.
“Siphoxekile ngoba besifuna amaphuzu aphelele (sibhekene neChiefs),” kusho uLunga.
“Bekungewona umdlalo olula, bekungumdlalo onzima. Wonke umuntu ubefuna sithathe amaphuzu amathathu.
“Abafana bebephoxekile ngemuva komdlalo Kodwa siyazama ukusheshe sibuye sihlangane ngoba imidlalo yethu ilandelana ngokushesha.
“Lowo mdlalo sesiwudlulisile manje, kumele sibeke imiqondo kolandelayo.”
Abafana BaStyle bazokwamukela iSiwelele FC eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
ISiwelele iza kulo mdlalo ishayela phezulu ngemuva kokunqoba kwiKaizer Chiefs neDurban City kulandelana.
“Siyazi ukuthi iSiwelele yenza kahle ngakho asilindele umdlalo olula,” kuqhuba uLunga.
“Iligi isiya emaphethelweni, wonke umuntu ufuna ukuqeda kahle.
“Sihlale sinika wonke amaqembu inhlonipho, alikho iqembu elincane.
“ISiwelele izolwa…nathi sizozama ukudlala umdlalo osezingeni eliphezulu.”
ULunga uphethe ngokunxenxa abalandeli ukuthi batheleke ngobuningi babo enkundleni, ngoba umdlalo wokugcina wasekhaya weSundowns kule sizini.
IPirates izodlala seyiwazi umphumela weSundowns neSiwelele.
EZimnyama zizobhekana neMagesi FC ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

