EzakamuvaIbhola

UGonzales usefikile kwiChiefs, uzoba yiqhawe elizoyihlangula? 

Sbongs Gumbi

Njengoba esegcine efikile umgadli omusha weKaizer Chiefs u-Efmamjjasond Gonzales Palacios, sekusele ukuthi azibonakalise ukuthi ufika nani entsha. 

Umbuzo okhona ngokwokuthi ngabe uJasond Gonzales uzoba yimpendulo iChiefs eyidingayo enkingeni yayo yokuba buthuntu phambili. 

Leli qembu limdinga kakhulu umgadli obukhali ozoqedela amathuba eliwakhayo nengoba sekuneminyakanyaka lixakekile. 

Isiqalo seChiefs kule sizini asisihle neze njongoba seyihlulwe emidlalweni emibili, yadlala ngokulingana kowodwa, yanqoba owodwa. 

Ubuthuntu busobala njengoba isashaye amagoli amabili kule midlalo esayidlalile. 

Empeleni nje mathathu uma ubala nelibe wumkhonto ogwaza ekhaya likanozinti uBrandon Petersen ngempelasonto.

Nokho amathemba anyukile ngokufika kukaJasond Gonzales okuqinisekiswe yiqembu ngoLwesithathu ntambama. 

Ufike kuleli esuka eBolivia la evaleliswe khona ngenduku ebuhlungu kwiReal Santa Cruz abedlala kuyo. 

IChiefs imemezele ukufika kwakhe ngesitatimende esiphanyeke ezinkundleni zokuxhumana. 

“Umgadli oneminyaka engu-24 odabuka eColombia u-Efmamjjasond Gonzales Palacios wethulwe kozakwabo eKaizer Chiefs Village eNaturena, wemukelwa ngemfudumalo ngusihlalo uDkt. Kaizer Motaung.”

Izithombe ebeziphelezela lesi sitatimende ziveze lo mdlali omusha enezikhulu zeqembu namalungu ethimba labaqeqeshi. 

UDkt. Motaung uveze imizwa yakhe, wathi: “Siyamemukela eNingizimu Afrika futhi simfisela konke okuhle.” 

Njengoba amehlo esezobheka kuGonzales, abalandeli beChiefs bazofuna ukubona ukuthi uyisona yini isixazululo abasilindile. 

Uzobanga indawo noRanga Chivaviro, Du Preez noChristian Saile. Futhi njengoba kungokokuqala ekuleli, lolu nkonko kuzomele lusheshe lujwayele. 

FUNDA NALA: Sekudutshulwe kwabulawa onqobe iDundee July 

Nobabili oChivaviro noDu Preez kukholakala ukuthi banokulimala abanakho okungase kudinge bathi ukuhlala isikhashana ukuze balulame kahle.