Kushayeke isikhulu seDowns iYanga ‘iphoxa’ ibhola lezwekazi
Iqhubekile nemikhuba emibi yokuzama ukukhubekisa izimbangi iYoung Africans yaseTanzania ngaphambi komdlalo wayo neMamelodi Sundowns ngempelasonto.
Leli qembu selizakhele igama elibi lokungakwazi ukuphatha kahle izimbangi ezilivakashelayo emidlalweni yeCaf Champions League.
Ngokubika kwentatheli elandela le midlalo yeChampions League, ezibiza ngo Mickey Jr ezinkundleni zokuxhumana, kusuke isixakaxaka.
Ithi kwanabo bengabezindaba bake bambezeleka ukungena enkundleni yize bebeziphethe zonke izimfanelo.
Kuso leso sixakaxaka kushayeke esinye sezikhulu zeSundowns ngesikhathi amaphoyisa evulela isibhaxu.
“Amaphoyisa ayadubula futhi adedela nesibhaxu. Sekunemzuzu engaphezulu kuka-30 abasebenzi beSundowns belinde ukungena enkundleni.
“Kuze kwaphoqa ukuthi behle (ebhasini leqembu) bezame enye indlela yokungena,” kubhala uMickey Jr.
Kulapho ke lesi sikhulu esizithole sesiyisisulu sokushayeka. NeJwaneng Galaxy yaseBotswana yabuya ingawuvali umlomo ngesihluku saseTanzania.
IYanga seyisolwe kaningi ngalesi senzo sayo esiphoxa siphinde sehlise isithunzi sebhola lase-Afrika.
Nokho iSundowns kuzomele isheshe ikudlulise okwenzeke eTanzania njengoba inomdlalo weDStv Premiership ngoLwesibili.
Izobhekana neRichards Bay elwela ukuvika izembe emdlalweni ozoba seLoftus Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Ezinsukwini ezintathu ukusuka lapho izobe seyibhekana neYanga emdlalweni womlenze wesibili khona eLoftus.
Umdlalo womlenze wokuqala eBenjamin Mkapa Stadium eDaar Es Salaam, uphele zibambene ngo 0-0.
FUNDA NALA: Icala leSpurs lingayishovela ezembeni iSwallows
Lo mphumela wenyuse ingcindezi kwiSundowns osekumele iqinisekise ukuthi ayingenelwa goli njengoba elasekuhambeni lisabalwa kabili.

