Uchithwe esefongqe isigqoko uNkanyiso Zungu
NJabulo Shezi
UNkanyiso Zungu usazoqhubeka nokufuna iqembu azodlala kulo kulandela ukuthi echithiwe kwiStellenbosch FC la abesefongqe isigqoko eyocela khona umsebenzi.
Lo mdlali wasesiswini onebhola elihle uchithwe yi-Orlando Pirates ngenxa yezinkinga zokuhluleka ukuziphatha ngendlela efanele.
IPirates beyimbolekise kwiRichards Bay FC ngenhloso yokuthi ake ashintshe umoya kodwa nakhona wafike wabawuhlupho.
IRichards Bay imkhululile uNkanyiso Zungu, yathi akabuyele kwiPirates ingakapheli isizino ngenxa yokuthi ubesexakile.
Kuthi uma esechithwe kwiNatal Rich Boyz, iPirates nayo yazihlangula, yavele yamkhulula ukuthi usengajoyina noma liphi iqembu.
Uke wabonakala kwiRoyal AM ngesikhathi kulungiselelwa isizini futhi udlalile emidlalweni yayo yokuzizwa amandla.
Kodwa ngenxa yokuthi leli qembu livaliwe ekusayineni abadlali, uNkanyiso Zungu uphinde wazithola sekumele ayofesa futhi.
Ube eseyofongwa isigqoko kwiStellies okuyiqembu azakhela kulo igama eze eheha iPirates.
Kodwa nakhona kufike kwangamlungela okaManzini njengoba umqeqeshi uSteve Barker ethe kugcwele kule ndawo adlala kuyo.
“Ngesha sinabadlali abaningi ngokwanele… Besiloku sixoxa naye, ngizama ukumbonisa,” kusho uBarker kwabeSowetan.
“Ngimtshelile ukuthi noma engehlela emaqenjini asesigabeni esingezansi ukuze adlale ngoba ikhono lona unalo yena.
“Sengethemba ukuthi ufundile emaphutheni akhe. Ngimfisela ukuthi alithole iqembu azodlala kulo.
“Ngeshwa thina njengamanje sinabadlali abenele esiswini,” kuchaza lo mqeqeshi okunguye owamnika ithuba kade elaxazwe AmaZulu FC ngenxa yakho ukungaziphathi kahle.
Yize ithalente likaNkanyiso Zungu lilihle, ukuhluleka ukuziphathisa okomdlali okhokhelwayo yikho okumlimazayo.
FUNDA NALA: UGonzales usefikile kwiChiefs, uzoba yiqhawe elizoyihlangula?
KwiRichards Bay kuthiwa ubechomela abanye abadlali, efune ukudlaliswa ngenkani abuye avulele namavelemane.