EzakamuvaiDStv Premiership

ISundowns iyocela isihlobo esihle ngoKhanyisa Mayo 

Njabulo Shezi

IMamelodi Sundowns isamdinga omunye umdlali waphambili kanti seyihlonze uKhanyisa Mayo ngokuthi nguyena ongangena khaxa kulesi sikhala enaso. 

Sekukaningana umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena ekuveza ukuthi usashoda okungenani ngomdlali oyedwa. 

Uphinde wakusho lokhu ngemuva komdlalo weDStv Premiership wangoLwesithathu kusihlwa la beshaye khona iRichards Bay ngo 1-0.

“Kuncike ekutheni kukhonani emakethe kodwa khona singajabula ukuthola oyedwa ukwengeza,” usho kanje uMokwena ebuzwa ngokuthi ngabe sebeqedile yini emakethe. 

Ukhuluma kanjena nje abeLaduam bebebike ngawo uLwesithathu ukuthi selivele liphumile ithimba leSundowns eliya eKapa.

Kuthiwa leli thimba liyozikhalela kwiCape Town City ukuthi ibadayisele uKhanyisa Mayo. 

Lokhu kulandela ukuthi imizamo yokuthola uPercy Tau kwi-Al Ahly e-Egypt ingaphumelelanga njengoba ichithiwe nje. 

Bekusanda kuvela ke ngomqeqeshi weCity, u-Eric Tinkler ukuthi uMayo wayezicelele ukungadayiswa kuleli. 

UTinkler wathi lo mdlali waya kusihlalo weqembu wayomtshela ukuthi usafuna ukuhlala kulo, aze asuke ngoba eseya phesheya. 

Kodwa ke ukaputeni weSundowns, uThemba Zwane naye usanda kuveza ukuthi ube nengxoxo noKhanyisa Mayo. 

UZwane uthi lo mdlali wamtshela ukuthi ubukela kuye, futhi uyafisa ukudlala naye kwiSundowns.

“Ngamtshela ukuthi kwiSundowns yonke into ihlukile futhi kumele uhlezi usezingeni eliphezulu kuyo yonke imidlalo oyidlalayo. 

“Kumele ukwazi ukubamba umgqigqo owodwa ukuze ugcine indawo yakho eqenjini. 

“Ngicabanga ukuthi unalo ikhono elanele ukuthi engadlala lapha,” washo kanje uZwane kwabeYelloman.  

FUNDA NALA: Uchithwe esefongqe isigqoko uNkanyiso Zungu 

Ngaphezu kwalokho, vele ke imali ayivamisile ukutheza olumanzi, ngeke kuthuse ukuthi kuvunyelwane ngokudayiselana uKhanyisa Mayo.