EzakamuvaIbhola

IMilford ijike seyibheke eMgungundlovu kushintshwa inkundla

Njabulo Shezi

Iqembu elisha esigabeni seMotsepe Foundation Championship, iMilford FC lizosukela eMgungundlovu uma seliyodlala umdlalo walo wokuqala kulesi sigaba. 

IMilford izobhekana nomkhaya bayo ngesifundazwe, iMaritzburg United eKing Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku. 

Lo mdlalo kwakuhlelwe ukuthi udlalelwe eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngosuku nesikhathi esifanayo. 

Kodwa kuthiwa uShauwn Mkhize weRoyal AM, okuyiyo esisebenzisa le nkundla, ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke kwenzeke lokho. 

Uthe ngeke phela iqembu lakhe lidlale enkundleni esinyomfozwe abanye. IRoyal AM izodlala ngeSonto ntambama kule nkundla.

I-PSL ibe seyishintshela lo mdlalo eKing Zwelithini eMlazi. Impempe ithole ngongaphakathi kwiMilford ukuthi lokhu kuphazamise izinhlelo zeqembu. 

“IMilford beyisivele isendleleni ebheke eMgungundlovu ngoLwesine ekuseni ngesikhathi ithola ukuthi umdlalo usuya eThekwini. 

“Beyihlele ukukhempa khona eMgungundlovu, izicije khona ukuze abadlali bajwayele isimo sakhona. 

“Ukusheshe ifike beyikwenzele ukuthi ayifuni abadlali bahlale ebhasini isikhathi eside ngosuku lomdlalo, okuyinto esizokwenzeka ke njengoba sekushintshiwe nje.

“Kodwa manje lolu guquko olwenzeke esikhaleni selubaphazamisile yize besiqonda isimo,” kusho lo mthombo. 

Ukusuka eMgungundlovu uya eMlazi kulibanga elingamakhilomitha angaphezu kuka-100 kanti kuthatha isikhathi esingaphezu kwehora ukulihamba. 

Lokhu kusho ukuthi leli qembu laseRichards Bay lidlale ngemali nje ngokukhokhela indawo yokulala izinsuku ezimbili eMgungundlovu. 

FUNDA NALA: Kusenamathizethize ngoGonzales kwiChiefs, uDolly ubuyile

IMilford idlala kulesi sigaba nje yathenga isitifiketi soThongathi FC ekupheleni kwesizini edlule. Kade igijima kwi-ABC Motsepe League ngesizini edlule.