EzakamuvaIbhola

‘Ubevikelwa’ okhishwe ngesiwombe sokuqala koweChampionship

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi wePretoria Callies uKwanele Kopo usechaze okwenze akhiphe umdlali ngesiwombe sokuqala emdlalweni wezakhe wokuqala kwiMotsepe Foundation Championship. 

ICallies ibambane ngo 0-0 neBlack Leopards eTUT Stadium ngoLwesihlanu ntambama. 

Kuthe kusaphele imizuzu engu-25 ngesiwombe sokuqala, uKopo wenza okushiye abaningi bemangele ngesikhathi enza ushintsho. 

Ukhiphe uFelix Noge wafaka uCebo Mchunu endaweni yakhe. Ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo, uthe ubemvikela. 

“Besifuna bahlasele ezinhlangothini kodwa bebengakwenzi ngendlela esifisa ngayo lokho,” kusho uKopo ngemuva komdlalo. 

“Kukhona la obekuthi uma ebhekene nendoda phambi kwakhe, afune ukulidlala emuva ibhola noma limlahlekele. 

“Esimweni esinjengaleso kumele umvikele umdlali ngoba uma kuqhubeka, abalandeli bzogcina sebemhhahhameza… 

“Nozakwabo bengagcina sebembuka sengathi ubenzela phansi, ngakho kumele umvikele. 

“Uyazi naye ukuthi akuyona into esijwayele ukuyenza leyo. Ngikhulumile naye, ngicabanga ukuthi ukwamukelile okwenzekile.”

UMchunu, obolekiswe yi-Orlando Pirates kwiCallies, ufike weza nomehluko omkhulu njengoba ecishe wathola negoli kulo mdlalo. 

Ebuzwa ngomdlalo wakhe wokuqala, uMchunu uthe ubengalindele ukusheshe angene ngeleya ndlela. 

FUNDA NALA: Kusenamathizethize ngoGonzales kwiChiefs, uDolly ubuyile

“Ngithukile uma umqeqeshi engibiza. Bengizitshela ukuthi uzongisebenzisa ngesiwombe sesibili,” kusho uMchunu.

Komunye umdlalo walesi sigaba obungoLwesihlanu ntambama, iLa Masia inqobe ngo 1-0 ishaya i-Upington City engomakoti kule ligi.