EzakamuvaiDStv Premiership

Uzenzile akakhalelwa, iSpurs izifake ibhekile obishini

Abaphathi beCape Town Spurs kumele bazinuke amakhwapha ngokuzojika kwiDStv Premiership kwaleli qembu laseKapa.

I-Urban Warriors idliwe yizembe kulandela ukunqoba ngo 1-0 kweRichards eshaye i-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku.

Leli qembu linamaphuzu angu-19 kanti ngeke lisakwazi ukufica iNatal Rich Boyz esihlanganise angu-27.

Ngemuva kokusebenza kanzima kweSpurs emidlalweni yokuhlunga, ngaphansi komqeqeshi uShaun Bartlett, iqembu linyukele kwiPremiership.

Kule midlalo lehlule iCasric Stars neMaritzburg United, ebiqede endaweni ka-15 kwilogi yeDStv Premiership.

Nokho izinto zifike zangahamba kahle esigabeni esiphezulu njengoba iqembu lithole isibhaxu imidlalo ilandelana.

Okugqamile nokho ukuthi abaphathi beSpurs abazange bathenge abadlali abenele abanamava, ukuqinisa iqembu ngemuva kokukhuphukela kwiPremiership.

Ugcine ekhonjwe eza ngayo uBartlett njengoba imiphumela ibingavumi ukuba mihle kwiSpurs.

I-Urban Warriors ibe seyimemezela ukuthi uSean Connor useyiTechnical Director, futhi ubephambili ngesikhathi kubhekwa umqeqeshi obezovala isikhala sikaBartlett.

Kugcine ngokuthi kuqashwe u-Ernst Middendorp ofike kwabonakala ukuthi iqembu lithanda ukuhlangana.

Nokho naye lo mqeqeshi ubelokhu ekhala ngokuthi uyaphoqeleka ukudlalisa abadlali abasebancane abangenawo amava.

Belizabalaza lona iqembu futhi into enkulu eliyenzile ukushaya i-Orlando Pirates emzuliswaneni wokuqala, laphinde ladlala nayo ngokulingana kowesibili.

Konke lokhu bekungenele ngoba beliqhubeka nokuthola isibhaxu kwamanye amaqembu, nokwenze ukuthi linganyakazi nhlobo kunombolo 16.

ISpurs izophambana neMagesi FC esingompetha beMotsepe Foundation Championship, nokuchaza ukuthi izodlala kwiPremiership ngesizini ezayo.

Isifundo okumele sitholwe abaphathi beSpurs ukuthi akumele bagongobale nemali yokuthenga abadlali abanamava, uma iqembu selidlala esigabeni esiphezulu.