EzakamuvaIbhola

Akayingeni eyabaqudule kwiPirates uJose Riveiro

Sbongs Gumbi

UJose Riveiro uthi yena usiza abadlali ukuthi babengcono njengeqembu, ngeke ke anakane nabadinga ukunakwa noma abagcina sebekhombisa ukungenami uma bengadlali. 

Kuyinto evamisile eqenjini elinabadlali abasezingeni njengePirates ukuthi abanye bagcine bengaseneme ngoba bengalitholi ijezi. 

“Angizelanga lapha ukuzobajabulisa. Ngilapha ukubasiza babe yiqembu elingcono, babe ngabadlali abangcono ngokubambisana,” kusho uJose Riveiro kuleli viki. 

“Uma ungena eqenjini lethu, kungaba ungumdlali noma ungumqeqeshi, kumele wamukele imithetho ethile nokuthi wazi ukuthi kuyancintiswana ukuthola ijezi.”

Uthe yena uqoka iqembu ngokubuka abadlali abazinikelayo, nabazimiselayo ejimini futhi uma engakuboni lokho, usala ngaphandle noma ngabe unegama.

“Uma ungeyena umdlali ofanele, ngeke ubekhona kuleli qembu, lokho akubuzwa. Bonke abakhona bangabadlali ababalulekile. 

“Bangabadlali abasezingeni eliphezulu, abanamava… Abadlali abasezigabeni ezehlukene ngokomsebenzi wabo webhola. 

“Mina engikulwelayo wukuthi bonkke bazizwe beyingxenye yeqembu. Kodwa noma kunjalo kumele sizame ukuba neqiniso kubo. 

“Akulula ke ukuba neqiniso ngaso sonke isikhathi. Kumanje kunabadlali engifisa ukuqala ngabo umdlalo kusasa… 

“Kodwa ngeke ngidlale abangu-20 kanyekanye – yimithetho yebhola leyo – abadlali bahlakaniphile futhi bayakuqonda lokho. 

“Uma sikwazi ukubagcian bejabule phakathi neviki lokho kusho ukuthi kuyabakhuthaza esikwenzayo ejimini. 

“Yilokho okubaluleke kakhulu. Kodwa ke njengoba bedlala ezingeni elikhokhelayo bayakuqonda lokho,” kusho uJose Riveiro.

FUNDA NALA: ‘Ubevikelwa’ okhishwe ngesiwombe sokuqala koweChampionship

IPirates izobhekana neDjabal Club yaseComoros emdlalweni womlenze wesibili kweyokuhlunga kwiCaf Champions League. 

Lo mdlalo uzoba se-Orlando Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku. IPirates ihamba phambili ngo 1-0 eyanqoba ngawo ekuhambeni.