EzakamuvaiDStv Premiership

Kuthe dwe kuNtseki ethola iwini athi eyokwehlisa ulaka 

Sbongs Gumbi

UMolefi Ntseki uzoke alale ubuthongo naye okwesikhashana kulandela ukuthola iwini yakhe yokuqala njengomqeqeshi weKaizer Chiefs. 

Leli qembu livukele AmaZulu FC esiswini njengotshwala liwashaya ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa.

UPule Mmodi ushaye amagoli amabili, kwathi elesithathu lashaywa u-Edson Castillo kulo mdlalo obuseFNB Stadium. 

“Bekubalulekile ukuthi siwine. Kumele ngibancome abafana, basebenzile impela,” kusho uNtseki ngemuva komdlalo. 

“Bakwazile ukulandela amacebo nendlela yethu yokudlala. Besikudinga kakhulu ukuthola amaphuzu aphelele ngenxa yala sisuka khona. 

UMolefi Ntseki uphume eseqashwe amaphoyisa eMbombela Stadium ngempelasonto edlule abalandeli besho ukumudla luhlaza. 

“Lo mphumela ulisizile iqembu ukwehlisa imimoya. Kodwa ke njengoba sekunje kumele sizithobe, sibuyele emuva siyolungisa la kumele silungise khona,” kusho yena. 

Igoli lokuqala leChiefs ilithole kusaphele imizuzu emine nje vo umdlalo uqalile kanti uMolefi Ntseki uthi yilo elisize ukuthi badlale ngokukhululeka. 

“Bekubalulekile ukuthi sisheshe sithole igoli. Uma uzokhumbula, ngeviki elidlule singenelwe yigoli ngesikhathi esibucayi. 

“Namuhla sithe asizame ukubabamba kuqala ukuze sizokhululeka bese sikwazi ukulawula umdlalo,” kuchaza lo mqeqeshi.

Kufanele ukuthi uNtseki uzobe ebheke umdlalo ofanayo kubadlali bakhe ngoLwesithathu uma sebebhekene neStellenbosch FC eKapa.

Ngemuva kwalowo mdlalo, iChiefs izobe seyibhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.

FUNDA NALA: UKanu ufuna iqine i-Arrows ecishe yazifaka enkingeni

Ukunqoba kuyo yomibili le midlalo kungamsiza uNtseki ukuthi ake athiole ukwethenjwa ngabalandeli.