EzakamuvaIbhola

UKhenyeza ubafuna kwiBafana abadlali be-Arrows 

ALFRED NGUBANE

UMabhuti Khenyeza, ongumqeqeshi weGolden Arrows, uthi uyabagqugquzela abadlali beqembu lakhe ngobumqoka bokudlalela iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana. 

Emdlalweni we-Arrows neKaizer Chiefs kubonakale abaqeqeshi beBafana oHugo Broos noHelman Mkhalele bethamele lo mdlalo. 

Abafana Bes’thende balandela iMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu20, kanti basele ngamaphuzu amane kuleli qembu elizihola phambili kwiDStv Premiership. 

I-Arrows seyidlale imidlalo emhlanu futhi yayinqoba yonke, namagoli iyawashaya nje kahle kakhulu. 

Mhlawumbe yikho lokhu okuhehe uBroos ukuthi ake asondele azobabonela eduze abafana bakaKhenyeza ukuthi yibaphi angabasebenzisa kwiBafana. 

IBafana Bafana izodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo, bese iyodlala kwiCaf Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo e-Ivory Coast. 

“Impela yinto engiyenzayo leyo. Ngiyabatshela ukuthi umqeqeshi weBafana okhona njengamanje akabheki iqembu odlala kulo, ubheka wena njengomadlali. 

“Yingakho ke nalaba ngibatshela ukuthi bengangena eqenjini lesizwe uma beqhubeka nokuzikhandla,” kusho uKhenyeza. 

UBroos uyaziwa ngokukholelwa kubadlali abasebancane futhi uyabanika ithuba lokuziveza. 

FUNDA NALA: Ucikwe ukungadlaliswa, waduba iqembu oweBanyana

Njengoba kulindeleke aqoke iqembu lakhe ngasekuqaleni kwenyanga ezayo, kuzodonsa amehlo ukubona ukuthi ukhona yini ambonile kwi-Arrows.