EzakamuvaiDStv Premiership

Okwenza uNtseki abambelele kuPetersen onamaphutha kwiChiefs

Sbongs Gumbi

UMolefi Ntseki ukhethe ukuba ngubaba kuBrandon Petersen owenza amaphutha ayilimaza kakhulu iKaizer Chiefs selokhu iqalile isizini.

UBrandon Petersen wenze amaphutha okufanele ukuthi amshiye efisa sengathi umhlaba ungavuleka umgwinye angaphinde abonakale.

Kodwa ngokwesekwa nguNtseki, lo nozinti usazethemba. UBrandon Petersen nguyena kuphela umdlali weChiefs ophume ukuzobingelela abezindaba eNaturena kuleli viki.

Ubebingelela bese exhawula kuwo wonke umuntu ngaphambi kokuba kuqale izingxoxo nabezindaba. 

Yena kodwa ubengeyona ingxenye yabadlali abebezoxoxisana nabezindaba ngalolu suku.

Ebuzwa uNtseki ukuthi kungani ebambelele kuBrandon Petersen ngisho esekhombisa ukuba namaphutha amaningi, uthe kumele agweme ukuthatha izinqumo ngenhliziyo.

“Sinethimba elihle kakhulu labaqeqeshi kanti konozinti kukhona uRainer (Dinkelacker) osiza ngamava,” kusho uNtseki.

“Ngicabanga ukuthi lokhu okwenzekile bekungenxa yexhala (kuPetersen) ngoba uma ubheka ikhono lakhe njengonozinti, wenza kahle kakhulu.

“Kodwa amazinga okugxilisa ingqondo ehlile kancane, iyona ndlela leyo enze ngayo lawo maphutha.

“Akusiyena yedwa owenza amaphutha aholele ekutheni sihlulwe kule midlalo edlule. Ngicabanga ukuthi yiqembu lonke.

“Uma ubheka wuxhaxha lwamaphutha aqale kubadlali baphakathi enkundleni aholele ekutheni enze iphutha lokugcina. 

“Ukuthi nje ngoba elakhe yilo eligcina linakeka ngoba usezintini. 

“Ngiyaqonda ukuthi amaphutha afana nalawa ayasilimaza, kodwa lawa esingakwazi ukuwagwema.”

UNtseki uthe ngeke alahle noma yimuphi umdlali ngoba nje enze amaphutha, kodwa uzosebenzisana nabo futhi abasize babe ngcono.

“Uma umuntu enza iphutha, awumane wenze izinguquko ngaphandle kokubhekisisa inkinga edale lokho bese umsiza…

“Ngoba ungase wenze izinguquko ngenhliziyo, bese uthini ke uma sewufake omunye umdlali afike naye enze iphutha elifanayo?

“Ngakho okubalulekile lapha ukuthi siyiqembu eliphethwe ngezinga eliphezulu, futhi siphatha abadlali ngendlela efanayo.”

FUNDA NALA: ILimpopo ithe ‘chooo’ kwiSafa ngemidlalo yeBafana

UPetersen, ophinde abe ngukaputeni weqembu, uzophinde aqale umdalo uma iChiefs seyibhekene naMaZulu FC eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.