EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Ifuna into  eyodwa i-Orlando Pirates kwiRoyal AM

UMandla Ncikazi, oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates useveze isifiso sabo ngomdlalo wabo neRoyal AM ngoLwesithathu ntambama. 

Lo mqeqeshi uthi isikhathi sokwenza izinto eziningi ababanga naso kwazise bebedlala ngempelasonto njengoba sebebuyela enkundleni futhi. 

I-Orlando Pirates izogadulisana neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ngo-3 ntambama e-Orlando Stadium. 

Lo mdlalo uzoba nzima kwiPirates kwazise inomunye obalulekile ngempelasonto la izobhakana khona neKaizer Chiefs.

“Kube yiviki eliyinselelo kakhulu uma ubheka ukuthi sibe nesikhathi esincane kanjani sokuzicija,” kusho uNcikazi. 

“Sidlalile ngeSonto… Asikwazanga ukwenza izinto eziningi ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi abadlali bayelulama ngokomqondo. 

“Sizamile nokulungisela lo mdlalo, kodwa bekufanele siqaphele indlela esenza ngayo futhi ngiyethemba senze kahle. 

“Iyodwa into esiyifunayo – ukuthola amaphuzu aphelele. Siyakwazi okwenzekayo nokudingeka kithi.” 

I-Orlando Pirates isalwela indawo yesibili kwiligi kanti uma ingashaya iRoyal AM ingaba sethubeni elihle kakhulu lokuqeda kule ndawo. 

Ukuqeda ilele isibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kuzoyibuyisela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. 

Njengamanje ikuyo le ndawo yesibili kanti ishiya iSuperSport United ngephuzu elilodwa. 

Uma inqoba, izovula leli qebe kube ngelamaphuzu amane njengoba kuzobe sekusele imidlalo emibili isongwe isizini. 

NakwiNedbank Cup i-Orlando Pirates isazibhekile njengoba seyifike ezigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu nje. 

Izogadulisana neChiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo emdlalweni ozokhipha iqembu eliyobe seliyodlala owamanqamu. 

FUNDA NALA: U-AK 47 ugxeka abaqeqesha iMaritzburg ngenkinga yehlathi

Ozonqoba phakaythi kweChiefs nePirates uyobhekana nozophuma phambili phakathi kweStellenbosch FC neSekhukhune United kowamanqamu eLoftus Versveld Stadium ngoMeyi 27.

By Sbongs Gumbi