EzakamuvaIbhola

UNtseki umanqika ngokubuya kukaDolly noDove kwiChiefs 

Akaphumelanga obala umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki ngokuthi ngabe bazobe sebekhona yini oKeagan Dolly no-Edmilson Dove emdlalweni olandelayo waleli qembu. 

UDolly walimala ngasekupheleni kwesizini edlule, kanti indawo yakhe iyabonakala eqenjini njengoba ebengekho nje. 

Nokho uKeagan Dolly useluleme manje futhi useqalile ukujima neqembu ngokugcwele. U-Edmilson Dove naye usesimweni esifanayo. 

Ngokwabalandeli, bafisa uDove abuye ezongena endaweni kaSifiso Hlanti obukeka eyikhongco elibuthaka njengamanje kwiChiefs.  

Ekhuluma nabezindaba eNaturena ngoLwesine ekuseni, uNtseki ubuziwe ngoKeagan Dolly no-Edmilson Dove. 

“Into ebibaluleke kakhulu wukuthi sonke nje sike sithole ikhefu ngoba sidlale imidlalo elandelana eduze ebalulekile. 

“Bekumele sithole imiphumela. Lokho kulethe ingcindezi yangokomqondo, nokukhathala kwemizimba kubadlali. 

“Besilidinga kakhulu ikhefu lifike ngesikhathi esihle impela… Uma sikhuluma ngabadlali abebelimele, sibheka ukuthi bebelimele kanjani,” kuchaza uNtseki. 

“Uma ubheka uKeagan Dolly, ubesehlale isikhathi eside impela engadlali ngenxa yokulimala abenakho. 

“U-Edmilson Dove naye kudingeke ukuthi aphunyuzwe ngoba ukulimala kwakhe bekukubi. Nokho sebebuyile ejimini.” 

UNtseki uthe ngeke baxine ukubadlalisa laba badlali, ukugwema ukuthi bengazitholi sebephinde belimala futhi.  

“Sisalokhu sibahlola ngokubambisana nethimba laphelaphi nobhekelele ukulolonga imizimba yabadlali. 

“Sizolokhu sibabheka ukuthi ngabe sebekulungele yini ukudlala ngokwesimo semizimba nangokubamba kwabo amacebo eqembu okudlala. 

“Okwamanje, sibe namaviki amabili okusebenza nabo. Kodwa kusamele sibabheke ukuthi bengakulungela yini ukubuya emdlalweni olandelayo noma sekuyoze kube kulo olandela lo weRoyal AM.”

FUNDA NALA: Amehlo kuTebogo Potsane iChiefs ibhekana neRoyal AM

IChiefs izogadulisana neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.