EzakamuvaiDStv Premiership

Ubonge ukubambisana uThabo Matlaba iRoyal AM iwina okokuqala

Njabulo Shezi

UThabo Matlaba uncome ukuzikhandla nokubambisana nozakwabo kwiRoyal AM ngesikhathi bequmba phansi iTS Gallaxy ngo 1-0 ngeSonto ntambama. 

IRoyal AM iye kulo mdlalo ingathenjiwe njengoba izinto bezibukeka zingahambi kahle kusukela kuqale isizini. 

Emidlalweni emithathu yokuqala iThwihli Thwahla bekuthwahlazeka yona njengoba ihlulwe kwemibili, yadlala ngokulingana kowodwa. 

Okubi kakhulu wukuthi ibingenelwe amagoli ayisikhombisa, yashaya amathathu kume midlalo emithathu. 

Yingakho indlela abadlale ngayo eHarry Gwala ngeSonto ntambama inshiye enconcoza uThabo Matlaba ongomunye wabadlali asebeqinile eqenjini. 

“Sisebenze kakhulu namuhla. Silandele amacebo omqeqeshi ngendlela,” kusho uThabo Matlaba ngemuva komdlalo. 

“Besazi ukuthi bazosihlasela besebenzisa izinhlangothi. Okwethu bekuwukuthi sibaphuce ibhola bese sibahlasela ngokuzuma. 

“Yilokho esikwenzile size sithola leliya goli. Yilokho ebesizicija kukho phakathi neviki (silungiselela lo mdlalo). 

Ebuzwa ngesiqalo esingesihle seqembu, uThabo Matlaba uthe bebesahluleka wukubamba uhlaka lweqembu lokudlala.

“Ukukhuluma iqiniso nje, bekubalulekile ukuthi sibe nohlaka lokudlala bese silusebenzisa ngookuthembeka. 

“Bekubalulekile nokuthi sisebenze kanzima njengeqembu. Lona ngumdlalo wokuqala esiwudlale kahle kusukela kuqale isizini. 

“Besenza yonke into ngokubambisana siyiqembu – uma simaka, besikwenza siyiqembu, uma sihlasela, besikwenza siyiqembu. 

IRoyal AM izobuyela enkundleni ngoLwesithathu uma seyiyobhekana neChippa United ekuhambeni. 

Umqeqeshi weGallaxy, uSead Ramovic, ukhale ngenqwaba yamathuba abadlale ngawo kulo mdlalo. 

FUNDA NALA: UMnisi uthembe ‘induku’ eyimfihlo azobuyiba ngayo iMarumo

Uthi kuzomele baqinise kakhulu manje ekuzicijeni ukukhahlelela ipali ukuze bagweme lesi simo abazithole bekuso kulo mdlalo.